2 IZikhronike 1:7-13

2 IZikhronike 1:7-13 ZUL20

Ngalobo busuku uNkulunkulu wabonakala kuSolomoni, wathi kuye: “Cela lokho othanda ukuba ngikuphe khona.” USolomoni wathi kuNkulunkulu: “Ubaba uDavide umenzele umusa omkhulu, nami ungibeke inkosi esikhundleni sakhe. Manje Simakade Nkulunkulu, izwi lakho owalisho kuDavide ubaba maliqiniswe, ngokuba ungibekile inkosi phezu kwabantu abaningi ngangothuli lomhlabathi. Manje ngiphe ukuhlakanipha nokwazi ukuze ngihole laba bantu, ngokuba ngubani ongehlulela laba bantu bakho abaningi kangaka na?” UNkulunkulu wayesethi kuSolomoni: “Ngenxa yokuthi lokhu kuvela enhliziyweni yakho ukuba ungaceli ingcebo, imfuyo, nodumo, nokuba abakuzondayo bafe, futhi ungacelanga ukuphila isikhathi eside, kodwa ucele ukuhlakanipha nokwazi ukuze wehlulele abantu bami engikubeke ukuba ube yinkosi yabo; ngiyakukunika ukuhlakanipha nokwazi; ngiyakukunika nengcebo, imfuyo, nodumo angazange abe nakho amakhosi akwandulelayo, nalawo ayokulandela awayukuba nakho.” USolomoni wabuya endaweni ephakemeyo eGibheyoni, ethendeni lokuhlangana, waya eJerusalema, wabusa u-Israyeli.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne 2 IZikhronike 1:7-13