Ngiyambonga uKhristu uJesu iNkosi yethu owangipha amandla, wangibona ngethembekile, wangiqokela emsebenzini wakhe, nakuba ngangikade ngingohlambalazayo, nozingela amakholwa, nohluphayo. Kepha ngahawukelwa, ngokuba ngangikwenza ngokungazi nangokungakholwa. Kepha umusa weNkosi yethu wachichima nokukholwa kanye nothando olukuKhristu uJesu. Lithembekile leli lizwi, futhi lifanele impela ukwemukelwa, elithi: uKhristu uJesu weza emhlabeni ukuzosindisa izoni, engingesikhulu mina kuzo. Kepha ngahawukelwa ngalokhu ukuze uKhristu uJesu akubonakalise kimi engingesikhulu isoni, konke ukubekezela kwakhe, ngibe yisibonelo kulabo abazakukholwa kuye, baze babe nokuphila okuphakade.
Funda 1 KuThimothewu 1
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: 1 KuThimothewu 1:12-16
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo