1 KuThimothewu 1

1
Isibingelelo
1 UPawula, umphostoli kaKhristu uJesu, ngokomyalo kaNkulunkulu uMsindisi wethu nokaKhristu uJesu ithemba lethu, 2 kuThimothewu, umntanami isiminya okholweni: makube kuwe umusa, ububele nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba nakuKhristu uJesu iNkosi yethu.
Isixwayiso Ngemfundiso Ephambene Nokukholwa
3 Njengalokhu ngakunxusa ngesikhathi ngilibangise eMakhedoniya ukuba uhlale e-Efesu, ukuze uyale abathile ukuba bangafundisi okwahlukileyo, 4 futhi bangazinaki izinganekwane nezindaba zolibo lwemindeni ezingapheliyo, ezidala impikiswano kunokuba ziqhakambise isimiso sikaNkulunkulu ngokukholwa. 5 Kepha umgomo womyalo wuthando oluvela enhliziyweni ehlanzekileyo, nakunembeza omuhle, nasekukholweni okungazenzisiyo. 6 Abanye baphaphalazile kulokho, baphambukela ekukhulumeni okuyize, 7 befuna ukuba ngabafundisi bomthetho, nakuba bengakuqondi abakushoyo nalokho abakugcizelela ngeqholo.
8 Kepha thina siyazi ukuthi umthetho muhle, uma umuntu ewusebenzisa ngokufaneleyo, 9 siyazi lokhu, ukuthi umthetho awubekelwanga olungileyo, kodwa abahlubukayo, abangamesabi uNkulunkulu, izoni ezihlazisayo, abadumazayo, ababulala oyise nonina, ababulala abantu, 10 izifebe, abesilisa abalalanayo, abathumba abantu, abaqambimanga, abafunga amanga, nanoma yikuphi okunye okuphambene nemfundiso elungileyo; 11 ngokwevangeli lenkazimulo kaNkulunkulu odumisekayo, engaphathiswa lona mina.
UPawula Udumisa UNkulunkulu Owamkhethela Ukushumayela Ivangeli
12 Ngiyambonga uKhristu uJesu iNkosi yethu owangipha amandla, wangibona ngethembekile, wangiqokela emsebenzini wakhe, 13 nakuba ngangikade ngingohlambalazayo, nozingela amakholwa, nohluphayo. Kepha ngahawukelwa, ngokuba ngangikwenza ngokungazi nangokungakholwa. 14 Kepha umusa weNkosi yethu wachichima nokukholwa kanye nothando olukuKhristu uJesu.
15 Lithembekile leli lizwi, futhi lifanele impela ukwemukelwa, elithi: uKhristu uJesu weza emhlabeni ukuzosindisa izoni, engingesikhulu mina kuzo. 16 Kepha ngahawukelwa ngalokhu ukuze uKhristu uJesu akubonakalise kimi engingesikhulu isoni, konke ukubekezela kwakhe, ngibe yisibonelo kulabo abazakukholwa kuye, baze babe nokuphila okuphakade. 17 Manje kuyo iNkosi yaphakade, engabhubhiyo, nengabonwayo; uNkulunkulu munye, makube ludumo nenkazimulo kuze kube phakade naphakade. Amen.
UPawula Uyala UThimothewu Ukuba Alwele Iqiniso Levangeli
18 Thimothewu mntanami, ngikunika lo myalo njengokweziphrofetho ezandulelayo ngawe, ukuze ngazo ulwe ukulwa okuhle, 19 unokukholwa nonembeza omuhle, abanye abakulahlile, bafelwa ngumkhumbi wabo wokukholwa, 20 kulabo kukhona uHimenewu no-Aleksandru, engibanikele kuSathane, ukuze bayalwe ukuba bangahlambalazi.

Okuqokiwe okwamanje:

1 KuThimothewu 1: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo