Bazalwane, siyanikhuthaza futhi niwayale amavila; duduzani abajabhileyo, nisekele ababuthakathaka, futhi nibabekezelele bonke. Qaphelani ukuba kungabi bikho muntu ophindisela komunye okubi ngokubi, kodwa phokophelani njalo ukwenza okuhle, omunye komunye, nakubo bonke abanye. Thokozani njalo, nikhuleke ningaphezi. Kukho konke, bongani, ngokuba lokho kuyintando kaNkulunkulu kuKhristu uJesu ngani. Ningamcimi uMoya, ningakudeleli ukuphrofetha. Vivinyani konke, nibambisise okuhle. Dedani kulo lonke uhlobo lobubi. Sengathi uNkulunkulu wokuthula, Yena uqobo, anganingcwelisa ngokupheleleyo, alondoloze umoya wenu wonke, nomphefumulo nomzimba, kungabi nasici ekufikeni kweNkosi yethu uJesu Khristu. Uthembekile onibizayo, futhi oyakukwenza lokho. Bazalwane, sikhulekeleni. Khonzani kubo bonke abazalwane ngokwanga okungcwele. Ngiyaniyala eNkosini ukuba le ncwadi ifundwe kubo bonke abazalwane. Umusa weNkosi yethu uJesu Khristu mawube nani.
Funda 1 KwabaseThesalonikha 5
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: 1 KwabaseThesalonikha 5:14-28
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo