1 USamuweli 8:4-9

1 USamuweli 8:4-9 ZUL20

Kwase kubuthana wonke amalunga akwa-Israyeli, aya kuSamuweli eRama, athi kuye: “Bheka, usumdala manje, amadodana akho awahambi ezindleleni zakho; sibekele inkosi ukuba isehlulele njengezizwe zonke.” Kodwa lokho kwaba kubi emehlweni kaSamuweli, lapho ethi: “Sinike inkosi ukuba isehlulele.” USamuweli wayesekhuleka kuSimakade. USimakade wathi kuSamuweli: “Lalela izwi labantu kukho konke abakusho kuwe, ngokuba akuwena abakulahlayo, kodwa balahle Mina, ukuba ngingabe ngisaba yinkosi phezu kwabo. Kunjengayo yonke imisebenzi abayenzayo, kusukela ngosuku engabakhuphula ngalo eGibhithe kuze kube namuhla, bangilahla bayokhonza abanye onkulunkulu, ngakho-ke benza kanjalo nakuwe. Manje lalela abakushoyo, kodwa-ke uze ubexwayise impela, ubatshele ngendlela inkosi eyakubusa ngayo phezu kwabo.”

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo