1 uSamuweli 8:4-9

1 uSamuweli 8:4-9 ZUL59

Kwabuthana onke amalunga akwa-Israyeli, aya kuSamuweli eRama; athi kuye: “Bheka, usumdala, amadodana akho awahambi ngezindlela zakho; sibekele inkosi ukuba isahlulele njengezizwe zonke.” Kepha leyo nto yaba mbi emehlweni kaSamuweli, lapho bethi: “Siphe inkosi ukuba isahlulele.” USamuweli wayesekhuleka kuJehova. UJehova wathi kuSamuweli: “Lalela izwi labantu kukho konke abakushoyo kuwe, ngokuba akusuwe abakulahlileyo, kepha balahle mina, ukuze ngingabi yinkosi phezu kwabo. Njengemisebenzi yonke abayenzileyo, kusukela osukwini engabakhuphula ngalo eGibithe kuze kube namuhla, bangishiya bekhonza abanye onkulunkulu, benze njalo nakuwe. Manje lalela izwi labo, ugamele nokugamela kubo kuphela, ubatshele amalungelo enkosi eyakubusa phezu kwabo.”

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo