1 USamuweli 31

31
AmaFilisti Alwa No-Israyeli
Ukubulawa KukaSawule Namadodana Akhe
1 AmaFilisti alwa no-Israyeli. Abantu bakwa-Israyeli babaleka phambi kwamaFilisti, abanye babo bawa, basala enkundleni, entabeni iGilibhowa. 2 AmaFilisti amhubha uSawule namadodana akhe. AmaFilisti abulala uJonathani, u-Abhinadaba, noMalikhi Shuwa, amadodana kaSawule. 3 Impi yaba nzima kakhulu kuSawule; abacibayo bamfica esebuhlungwini obukhulu ngenxa yokugwazwa ngumcibisholo.
4 USawule wathi odibini lwakhe: “Hosha inkemba yakho, ungigwaze ngayo, funa abangasokile bafike bangigwaze, bangijivaze.”
Kepha udibi lwakhe lwenqaba, ngoba lwesaba kakhulu. USawule wayesethatha inkemba yakhe, waziphonsa phezu kwayo. 5Kwathi lungabona udibi lwakhe ukuthi uSawule usefile, nalo lwaziphonsa phezu kwenkemba yalo, lwafa kanye naye. 6USawule wafa namadodana akhe omathathu, nodibi lwakhe, nabo bonke abantu bakhe ngalolo lusuku.
7Kwathi ukuba abantu bakwa-Israyeli ababephesheya kwesigodi nalabo ababengaphesheya kweJordani, babone ukuthi abantu bakwa-Israyeli bayabaleka, nokuthi uSawule namadodana akhe bafile, bashiya imizi yabo, babaleka. AmaFilisti afika, ahlala kuyo.
8Kwathi ngakusasa, amaFilisti abuya ukuyophanga ababebulewe, afumana uSawule namadodana akhe omathathu befele entabeni iGilibhowa. 9 Amnquma ikhanda, athatha izikhali zakhe, athumela ezweni lamaFilisti ukumemezela yonke indawo endlini yezithombe zawo nakubantu. 10 Abeka izikhali zikaSawule endlini ka-Ashitharothi, isidumbu sakhe asibethela ogangeni eBhethi Shani.
11 Kwathi ukuba izakhamuzi zaseJabheshi Gileyadi zizwe ngokwenziwe ngamaFilisti kuSawule, 12 kwasuka wonke amadoda anamandla, ahamba ubusuku bonke, asithatha isidumbu sikaSawule nezidumbu zamadodana akhe ogangeni eBhethi Shani, ahamba nazo, afika eJabeshi azishisela khona. 13Athatha amathambo abo awambela phansi komthamariske, eJabeshi. Azila ukudla izinsuku eziyisikhombisa.

Okuqokiwe okwamanje:

1 USamuweli 31: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume