2 USamuweli 1

1
UDavide Ubikelwa Ngokukhothama KukaSawule
1 Kwathi emva kokufa kukaSawule, uDavide esebuyile ekubulaleni ama-Amaleki, wahlala izinsuku ezimbili eZikilagi. 2 Kwathi ngosuku lwesithathu, kwafika indoda iphuma enkanjini kaSawule, igqoke izingubo ezidabukile, inothuli ekhanda. Yathi lapho ifika kuDavide yawela emhlabathini, yakhothama yathi mbo ngobuso. 3UDavide wathi kuyo: “Uvela kuphi na?”
Yathi kuye: “Ngiphunyuke enkanjini yakwa-Israyeli.”
4 UDavide wathi kuyo: “Bekuhamba kanjani? Ake ungitshele.”
Yaphendula yathi: “Abantu babalekile empini, futhi abaningi bafile; uSawule noJonathani, indodana yakhe, nabo bafile.”
5UDavide wathi kuleyo nsizwa eyayimbikela: “Wazi kanjani ukuthi uSawule nendodana yakhe bafile na?”
6 Insizwa eyambikelayo yathi: “Ngithe ngisentabeni iGilibhowa, ngaleso sikhathi uSawule wancika emkhontweni, ngokuba izinqola nabamahhashi babemxine kakhulu. 7Waphenduka wabheka emuva wangibona, wangibiza. Ngaphendula ngathi: ‘Ngilapha.’
8 “Wathi kimi: ‘Ungubani na?’
“Ngathi kuye: ‘NgingumAmaleki.’
9“Wathi kimi: ‘Ake ume ngakimi, ungibulale, ngokuba ngiphethwe yisiyezi, nakuba ngisaphila.’
10 “Ngase ngima ngakuye, ngambulala, ngokuba ngangazi ukuthi ngeke esaphila uma esewile, ngawuthatha umqhele owawusekhanda lakhe, nesongo elalisengalweni yakhe, ngase ngikuletha lapha enkosini yami.”
11 UDavide wabamba izingubo zakhe waziklebhula, enza kanjalo namadoda wonke ayenaye. 12 Balila, bakhala, bazila kwaze kwahlwa ngenxa kaSawule noJonathani, indodana yakhe, nabantu bakaSimakade, nendlu ka-Israyeli, ngokuba babebulewe ngenkemba.
13 UDavide wathi ensizweni eyambikelayo: “Ungowaphi, na?”
Yamphendula yathi: “Ngiyindodana yomuntu ogogobele nje, umAmaleki.”
14 UDavide wathi kuyo: “Yini ekwenze ungesabi ukuphakamisa isandla sakho ubulale ogcotshiweyo kaSimakade na?”
15 UDavide wabiza enye yezinsizwa, wathi: “Sondela, khwela phezu kwakhe.”
Yayishaya yaze yafa.
16 UDavide wathi kuyo: “Igazi lakho malibe phezu kwekhanda lakho, ngokuba umlomo wakho ufakazile ngawe, lapho uthi: ‘Ngibulele ogcotshiweyo kaSimakade.’ ”
UDavide Ulilela USawule NoJonathani
17 UDavide wamlilela uSawule noJonathani, indodana yakhe, ngaleli culo. 18 Wayaleza ukuba iCulo Lomnsalo lifundiswe abakwaJuda; libhalwe eNcwadini kaJashari. Wathi:
19 “Udumo lwakho, Israyeli,
lubulewe ezindaweni eziphakemeyo.
Yeka ukuwa kwamaqhawe!
20 “Ningakusho eGathi,
ningakumemezeli emigwaqweni e-Ashikeloni,
funa amadodakazi amaFilisti ajabule,
namadodakazi abangasokile athokoze.
21 “Nina zintaba iGilibhowa,
makungabi bikho mazolo
namvula phezu kwenu,
nasemasimini avundileyo,
ngokuba kwangcoliswa lapho isihlangu samaqhawe,
isihlangu sikaSawule singagcotshwanga ngamafutha.
22 Egazini lababuleweyo nasemanonini amaqhawe
umnsalo kaJonathani awubuyelanga emuva ulambatha,
nenkemba kaSawule yadla abaningi.
23 “USawule noJonathani
babethandeka, beyigugu;
ekuphileni nasekufeni kwabo kabehlukaniswanga;
babenejubane kunezinkozi,
benamandla kunezingonyama.
24“Nina madodakazi akwa-Israyeli,
mkhaleleni uSawule owanigqokisa ngokubomvu,
wahlobisa izembatho zenu ngemihlobiso yegolide.
25 “Yeka ukuwa kwamaqhawe empini!
UJonathani ubulewe ezindaweni zakho eziphakemeyo.
26 “Ngidabukile ngawe mfowethu,
Jonathani;
wawuyigugu elikhulu kimi;
lwaluyisimangaliso kimi uthando lwakho,
ludlula uthando lwabesifazane.
27 “Yeka ukuwa kwamaqhawe,
nokuphela kwezikhali zokulwa!”

Okuqokiwe okwamanje:

2 USamuweli 1: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo