1 USamuweli 30:4-6

1 USamuweli 30:4-6 ZUL20

UDavide nabantu ababenaye badazuluka, bakhala, baze baphelelwa ngamandla okulila. Bobabili omkaDavide, u-Ahinohama waseJizreyeli no-Abhigayili, umkaNabali waseKharimeli, babethunjiwe. UDavide wayekhathazekile kakhulu, ngoba abantu base bebhunga ngokumkhanda ngamatshe, lokhu izinhliziyo zabo bonke abantu zazinomunyu, ngenxa yamadodana namadodakazi abo. Kepha uDavide wathola amandla kuSimakade uNkulunkulu wakhe.