1 uSamuweli 30:4-6
1 uSamuweli 30:4-6 IsiZulu 2020 (ZUL20)
UDavide nabantu ababenaye badazuluka, bakhala, baze baphelelwa ngamandla okulila. Bobabili omkaDavide, u-Ahinohama waseJizreyeli no-Abhigayili, umkaNabali waseKharimeli, babethunjiwe. UDavide wayekhathazekile kakhulu, ngoba abantu base bebhunga ngokumkhanda ngamatshe, lokhu izinhliziyo zabo bonke abantu zazinomunyu, ngenxa yamadodana namadodakazi abo. Kepha uDavide wathola amandla kuSimakade uNkulunkulu wakhe.
1 uSamuweli 30:4-6 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
UDavide nabantu ababe naye base bedazuluka, bekhala, baze bangabe besaba namandla okukhala. NawomkaDavide bobabili babethunjiwe, o-Ahinohama waseJizreyeli no-Abigayili umkaNabali waseKarmeli. UDavide wayehlupheka kakhulu, ngokuba abantu bekhuluma ngokumkhanda ngamatshe, lokhu izinhliziyo zabo bonke abantu zazinomunyu, kwaba yilowo nalowo ngenxa yamadodana akhe namadodakazi akhe; kepha uDavide waziqinisa kuJehova uNkulunkulu wakhe.
1 uSamuweli 30:4-6 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
UDavide namadoda ayenaye baphakamisa amazwi abo, bakhala, baze bangabe besaba namandla okukhala. Nabafazi bakaDavide ababili bathunjwa, u-Ahinohama waseJizreyeli no-Abigayili umkaNabali waseKarmeli. UDavide wacindezeleka kakhulu; ngoba abantu babekhuluma ukumkhanda ngamatshe, ngoba imiphefumulo yabantu bonke yayinomunyu, kwaba yilowo nalowo ngenxa yamadodana akhe namadodakazi akhe; kepha uDavide waziqinisa ngoJehova uNkulunkulu wakhe.