1 USamuweli 26:15-16

1 USamuweli 26:15-16 ZUL20

UDavide wambuza u-Abhineri wathi: “Kanti wena awusiye yini umuntu, ukhona yini onjengawe kwa-Israyeli na? Awuyiqaphanga ngani inkosi yakho, inkosi uSawule na? Kufike omunye wabantu ukuzobulala inkosi yakho, inkosi uSawule. Lokhu okwenzileyo akukuhle. Ngifunga ngiyagomela, nimelwe wukufa, ngokuba anizange niyiqaphe inkosi yenu, ogcotshiweyo kaSimakade. Manje bhekani-ke ukuthi uphi umkhonto wenkosi nesigubhu samanzi esasingasekhanda layo.”