Umoya omubi owawuvela kuSimakade wehlela kuSawule ehlezi endlini yakhe, ephethe umkhonto ngesandla; uDavide wayebetha ihabhu ngesandla. USawule wazama ukuphisela uDavide ngomkhonto odongeni, kodwa waphunyula kuSawule, umkhonto waphaphalaza wagwaza udonga. UDavide wayesebaleka, waphunyuka kanjalo-ke ngalobo busuku. USawule wathumela izithunywa endlini kaDavide ukuba zimqaphe, bese zimbulala ekuseni. UMikhali, umkakhe, wambikela uDavide, wathi: “Uma ungayihlengi impilo yakho ngalobu busuku, uzobulawa kusasa.” UMikhali wamehlisa uDavide ngefasitela. UDavide wahamba, wabaleka, waphunyuka kanjalo-ke. UMikhali wathatha itherafimi, walibeka embhedeni, wabeka isicamelo soboya bezimbuzi ngasekhanda lalo, walembesa ngezingubo. Kwathi lapho uSawule esethumela izithunywa ukuba ziyolanda uDavide, uMikhali wathi: “Uyagula.” USawule wathumela izithunywa ukuba ziyombona uDavide, wathi: “Mkhuphuleni nimlethe lapha kimi ngombhede ukuze ngimbulale.” Izithunywa zafika; bheka, kwakunetherafimi embhedeni nesicamelo soboya bezimbuzi singasekhanda lalo. USawule wathi kuMikhali: “Ungikhohliseleni kanje, uvumele isitha sami ukuba sihambe, siphunyuke na?” UMikhali wamphendula uSawule, wathi: “UDavide uthe kimi: ‘Ngivumele ngihambe; kungani ngizoze ngikubulale na?’ ”
Funda 1 USamuweli 19
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: 1 USamuweli 19:9-17
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo