1 USamuweli 19

19
UJonathani Ukhuluma Kahle NgoDavide KuSawule
1 USawule wakhuluma noJonathani, indodana yakhe, nazo zonke izinceku zakhe ngetulo lokubulala uDavide. Kepha uJonathani wayemthanda kakhulu uDavide. 2 UJonathani wamtshela uDavide, wathi: “USawule, ubaba, ufuna ukukubulala, ngakho-ke kusasa qaphela, uhlale esithe, ubhace. 3 Mina ngizophuma ngime ngakubaba endle lapho ubhace khona, ngizokhuluma ngawe kubaba; uma ngibona okuthile ngizokutshela.”
4 UJonathani wakhuluma kahle ngoDavide kuyise uSawule, wathi kuye: “Inkosi mayingenzi okubi encekwini yayo uDavide, ngoba ayonanga lutho kuwe. Imisebenzi yayo ekwenzele yona mihle kakhulu. 5 Ibeke impilo yayo engcupheni ngesikhathi ibulala umFilisti, uSimakade wabalethela ukunqoba okukhulu bonke abakwa-Israyeli. Uzibonele nawe, wajabula, pho kungani-ke usufuna ukona umuntu ongenacala, ubulale uDavide ngaphandle kwesizathu na?”
6USawule wamlalela uJonathani, wayesefunga ethi: “Ngifunga ngiyagomela phambi kukaSimakade, akayukubulawa.”
7 UJonathani wambiza uDavide wamtshela konke okwakushiwo nguyise. UJonathani waletha uDavide kuSawule, wamsebenzela njengakuqala.
Eminye Imizamo KaSawule Yokubulala UDavide
8Kwaphinde kwaqubuka impi, uDavide waphuma wayokulwa namaFilisti, wabulala amaningi; asindayo acela empunzini.
9 Umoya omubi owawuvela kuSimakade wehlela kuSawule ehlezi endlini yakhe, ephethe umkhonto ngesandla; uDavide wayebetha ihabhu ngesandla. 10 USawule wazama ukuphisela uDavide ngomkhonto odongeni, kodwa waphunyula kuSawule, umkhonto waphaphalaza wagwaza udonga. UDavide wayesebaleka, waphunyuka kanjalo-ke ngalobo busuku.
11 USawule wathumela izithunywa endlini kaDavide ukuba zimqaphe, bese zimbulala ekuseni. UMikhali, umkakhe, wambikela uDavide, wathi: “Uma ungayihlengi impilo yakho ngalobu busuku, uzobulawa kusasa.”
12 UMikhali wamehlisa uDavide ngefasitela. UDavide wahamba, wabaleka, waphunyuka kanjalo-ke. 13 UMikhali wathatha itherafimi, walibeka embhedeni, wabeka isicamelo soboya bezimbuzi ngasekhanda lalo, walembesa ngezingubo.
14 Kwathi lapho uSawule esethumela izithunywa ukuba ziyolanda uDavide, uMikhali wathi: “Uyagula.”
15USawule wathumela izithunywa ukuba ziyombona uDavide, wathi: “Mkhuphuleni nimlethe lapha kimi ngombhede ukuze ngimbulale.”
16Izithunywa zafika; bheka, kwakunetherafimi embhedeni nesicamelo soboya bezimbuzi singasekhanda lalo.
17USawule wathi kuMikhali: “Ungikhohliseleni kanje, uvumele isitha sami ukuba sihambe, siphunyuke na?”
UMikhali wamphendula uSawule, wathi: “UDavide uthe kimi: ‘Ngivumele ngihambe; kungani ngizoze ngikubulale na?’ ”
UDavide Ubalekela KuSamuweli ERama
18 UDavide wabaleka, waphunyuka, waya kuSamuweli eRama. Wambikela konke uSawule ayekwenze kuye. Yena noSamuweli bahamba bayohlala eNayothi.
19Kwabikwa kuSawule, kwathiwa: “Bheka, uDavide useNayothi, eRama.”
20 USawule wathuma izithunywa ukuba ziyolanda uDavide. Kwathi lapho zibona iviyo labaphrofethi bephrofetha, kumi uSamuweli engumholi wabo, uMoya kaNkulunkulu wehlela ezithunyweni zikaSawule, nazo zaphrofetha. 21Lokho kwabikelwa uSawule, wabuye wathumela ezinye izithunywa; nazo zaphrofetha. USawule waphinda futhi wathumela ezinye izithunywa ngokwesithathu; nazo zaphrofetha. 22USawule wayeseya eRama, wafika emthonjeni eSeku, wabuza wathi: “Ukuphi uSamuweli noDavide na?”
Kwathiwa: “BaseNayothi eRama.”
23 Wayeseya khona eNayothi eRama, uMoya kaNkulunkulu wehlela naphezu kwakhe, wayehamba ephrofetha, waze wayofika eNayothi, eRama. 24 USawule wakhumula izingubo zakhe, waphrofetha phambi kukaSamuweli. Walala phansi enqunu lonke lolo lusuku nabo bonke lobo busuku. Yingakho abantu bathi: “Kanti noSawule uphakathi kwabaphrofethi na?”

Okuqokiwe okwamanje:

1 USamuweli 19: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo