Kwathi eseqedile ukukhuluma noSawule, inhliziyo kaJonathani yanamathela enhliziyweni kaDavide. UJonathani wamthanda njengoba ezithanda yena. USawule wamthatha ngalolo suku uDavide, akabe esamvumela ukuba abuyele endlini kayise. UJonathani noDavide benza isivumelwano, ngokuba uJonathani wamthanda njengoba ezithanda yena. UJonathani wakhumula ingubo ayeyigqokile, wayinika uDavide, nezinye izembatho zakhe, inkemba yakhe, umnsalo wakhe nebhande lakhe. UDavide wayeya noma kuphi lapho uSawule ayemthuma khona, wayehlabana. USawule wambeka ukuba aphathe amabutho. UDavide wayemuhle emehlweni abantu bonke nasemehlweni ezinceku zikaSawule.
Funda 1 USamuweli 18
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: 1 USamuweli 18:1-5
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo