1 uSamuweli 18:1-5
1 uSamuweli 18:1-5 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kwathi eseqedile ukukhuluma kuSawule, inhliziyo kaJonathani yanamathela enhliziyweni kaDavide, uJonathani wamthanda njengenhliziyo yakhe. USawule wamthatha ngalolo suku, akabe esamvumela ukubuyela endlini kayise. OJonathani noDavide benza isivumelwano, ngokuba wamthanda njengenhliziyo yakhe. UJonathani wakhumula ingubo ayenayo, wayinika uDavide, nezinye izambatho zakhe kwaze kwaba nenkemba yakhe, nomnsalo wakhe, nebhande* lakhe. UDavide waphuma, waya nomaphi lapho uSawule emthuma khona, waziphatha ngokuhlakanipha; uSawule wambeka phezu kwamadoda empi; wayemuhle emehlweni abantu bonke nasemehlweni ezinceku zikaSawule.
1 uSamuweli 18:1-5 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kwathi eseqedile ukukhuluma noSawule, inhliziyo kaJonathani yanamathela enhliziyweni kaDavide. UJonathani wamthanda njengoba ezithanda yena. USawule wamthatha ngalolo suku uDavide, akabe esamvumela ukuba abuyele endlini kayise. UJonathani noDavide benza isivumelwano, ngokuba uJonathani wamthanda njengoba ezithanda yena. UJonathani wakhumula ingubo ayeyigqokile, wayinika uDavide, nezinye izembatho zakhe, inkemba yakhe, umnsalo wakhe nebhande lakhe. UDavide wayeya noma kuphi lapho uSawule ayemthuma khona, wayehlabana. USawule wambeka ukuba aphathe amabutho. UDavide wayemuhle emehlweni abantu bonke nasemehlweni ezinceku zikaSawule.
1 uSamuweli 18:1-5 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Kwathi eseqedile ukukhuluma loSawuli, umphefumulo kaJonathani wanamathela emphefumulweni kaDavida; uJonathani wamthanda njengomphefumulo wakhe. USawule wamthatha ngalolo suku, akamvumelanga ukuba aye endlini kayise. UJonathani noDavide benza isivumelwano, ngokuba wayemthanda njengomphefumulo wakhe. UJonathani wakhumula ingubo ayeyigqokile, wayinika uDavide, nezingubo zakhe kuze kufike enkembeni yakhe, kwaze kwafika kumnsalo wakhe, nasebhandeni lakhe. UDavide waphuma nomaphi lapho uSawule emthuma khona, wenza ngokuhlakanipha; uSawule wammisa phezu kwamadoda empi, waba muhle emehlweni abo bonke abantu nasemehlweni ezinceku zikaSawule.