1 USamuweli 17:8-11

1 USamuweli 17:8-11 ZUL20

Wema, wamemeza ezinhleni zakwa-Israyeli, wathi: “Niphumeleni na? Niphumele ukuhlela impi? Mina ngingumFilisti nina niyizinceku zikaSawule. Ziqokeleni umuntu, ehle eze kimi. Uma enamandla okulwa nami, angibulale, siyakuba yizigqila zenu, kodwa uma ngimehlula, ngimbulale, niyakuba yizigqila zethu, nisikhonze.” UmFilisti wathi: “Ngiyazedelela namuhla izinhla zakwa-Israyeli; nginikeni umuntu, silwe naye.” Lapho uSawule naye wonke u-Israyeli bezwa lawo mazwi omFilisti, bashaywa luvalo, besaba kakhulu.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne 1 USamuweli 17:8-11