1 uSamuweli 17:8-11

1 uSamuweli 17:8-11 ZUL59

Wema, wamemeza ezinhleni zakwa-Israyeli, wathi kuzo: “Niphumelani ukuhlela impi na? Angisiye umFilisti, nina niyizinceku zikaSawule, na? Zikhetheleni umuntu, ehle eze kimi. Uma enamandla okulwa nami, angibulale, siyakuba yizigqila zenu; kepha uma ngimahlula, ngimbulale, niyakuba yizigqila zethu, nisikhonze.” UmFilisti wathi: “Ngiyazeyisa namuhla izinhla zakwa-Israyeli; nginikeni umuntu, silwe naye.” Lapho uSawule naye wonke u-Israyeli bezwa lawo mazwi omFilisti, bashaywa luvalo, besaba kakhulu.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne 1 uSamuweli 17:8-11