1 USamuweli 17:37-40

1 USamuweli 17:37-40 ZUL20

UDavide wathi: “USimakade owangophula ozisheni lwengonyama nasozisheni lwebhele, uzakungisindisa nasesandleni salo mFilisti.” USawule wathi kuDavide: “Hamba, uSimakade uzokuba nawe.” USawule wamgqokisa uDavide izingubo zakhe zempi, wamethwesa isigqoko sethusi ekhanda, wamembathisa nebhantshi lensimbi. Wambhincisa uDavide inkemba yakhe phezu kwezingubo ayemgqokise zona, wazama ukuhamba ngokuba wayengazejwayele. UDavide wathi kuSawule: “Angikwazi ukuhamba nalezi zinto; angikazejwayeli.” UDavide wayesezikhumula. Wathatha induku yakhe wayiphatha ngesandla, wazikhethela amatshe ayisihlanu abushelelezi emfundlaneni, wawafaka esikhwameni somelusi, waphatha nendwayimane yakhe ngesandla. Wasondela kumFilisti.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo