1 uSamuweli 17:37-40

1 uSamuweli 17:37-40 ZUL59

UDavide wathi: “UJehova owangophula ozisheni lwengonyama nasozisheni lwebhere* uyakungophula nasesandleni salowo mFilisti.” USawule wathi kuDavide: “Hamba, uJehova uyakuba nawe.” USawule wamembathisa ezakhe izingubo, wamfaka isigqoko sethusi ekhanda, wamgqokisa ibhantshi lensimbi. UDavide wabhinca inkemba yakhe phezu kwezambatho zakhe, wazama ukuhamba, ngokuba wayengakazilingi. UDavide wathi kuSawule: “Anginakuhamba nalezi, angikazilingi.” UDavide wayesezikhumula. Wathatha induku yakhe ngesandla, wazikhethela amatshe ayisihlanu abushelezi emfudlaneni, wawafaka esikhwameni somalusi ayenaso, eyikeni lakhe, indwayimana yakhe isesandleni sakhe; wayesesondela kumFilisti.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo