1 USamuweli 14:24-30

1 USamuweli 14:24-30 ZUL20

Abantu bakwa-Israyeli babecindezelekile ngalolo lusuku, ngokuba uSawule wayebafungisile abantu, wathi: “Makaqalekiswe umuntu oyodla ukudla kungakahlwi, ngingakaziphindiseli ezitheni zami.” Akukho muntu owadla ukudla. Bonke abantu bangena ehlathini; kwakukhona uju phansi. Beselapho ehlathini, bheka, kwakuconsa uju, kodwa akubanga bikho noyedwa owaludla, ngokuba bonke babesaba isifungo. UJonathani wayengasizwanga isifungo uyise asenzisa abantu. Wayeselula isihloko senduku yakhe ayeyiphethe, wayicwilisa ojwini, walukhotha; ayeseqabuka amehlo akhe. Omunye kubantu wathi: “Uyihlo ubafungisile nokubafungisa abantu, wathi: ‘Makaqalekiswe umuntu ozokudla ukudla namuhla.’ Abantu base bephelelwe ngamandla.” UJonathani wayesethi: “Ubaba ulihluphile izwe. Ake nibheke ukuthi amehlo ami aseqabuke kanjani ngenxa yokukhotha nje leli consana loju. Kakhulu kangakanani-ke ukuba abantu bebeyidlile impango yezitha abayitholile, ngabe ababulalanga yini amaFilisti amaningi kakhulu na?”