1 uSamuweli 14:24-30

1 uSamuweli 14:24-30 ZUL59

Abantu bakwa-Israyeli babecindezelwa ngalolo suku, kepha uSawule wafungisa abantu, wathi: “Makaqalekiswe umuntu odla ukudla kungakahlwi, ngingakaziphindiseli ezitheni zami.” Akwabakho muntu owezwa ukudla. Abantu bonke beza ehlathini; kwakukhona izinyosi phansi. Abantu sebengenile ehlathini, bheka, izinyosi zaconsa, kepha akwabakho muntu obeka isandla emlonyeni, ngokuba abantu besaba isifungo. Kepha uJonathani akezwanga lapho uyise efungisa abantu; ngalokho welula isihloko senduku esesandleni sakhe, wasicwilisa ezinyosini, wabeka isandla emlonyeni; ayeseqabuka amehlo akhe. Kwase kuthatha omunye wabantu, wathi: “Uyihlo wabafungisa nokubafungisa abantu, ethi: ‘Makaqalekiswe umuntu odla ukudla namuhla.’ Abantu babephelile amandla.” Wayesethi uJonathani: “Ubaba uhluphile izwe; ake nibone ukuthi amehlo ami aseqabukile, ngokuba ngizwe ingcosana yalezi zinyosi. Kakhulu kangakanani, uma abantu bebedlile impela impango yezitha zabo abayifumanayo, ngokuba nga engabulawanga kakhulu amaFilisti na?”