1 KaPhethro 2:1-6

1 KaPhethro 2:1-6 ZUL20

Ngakho-ke lahlani bonke ububi, bonke ubuqili, ukuzenzisa, umhawu, nakho konke ukunyembenya. Njengezinsana ezisanda kuzalwa, langazelelani ubisi olungokomoya olungenakonakala, ukuze ngalo nikhule kube ngukusindiswa, uma seninambithile nezwa ukuthi iNkosi imnene. Sondelani kuyo, iyitshe eliphilileyo, elinqatshwe ngabantu, kepha kuNkulunkulu likhethekile, liyigugu. Nani njengamatshe aphilileyo, nakhiwe nibe yindlu yokomoya, ubuphristi obungcwele, ukuze ninikele ngemihlatshelo yokomoya eyamukelekayo kuNkulunkulu, ngaye uJesu Khristu. Ngokuba umbhalo, uthi

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne 1 KaPhethro 2:1-6