1 kaPetru 2:1-6
1 kaPetru 2:1-6 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Ngakho lahlani ububi bonke, nobuqili bonke, nokuzenzisa, nomhawu, nakho konke ukuhleba; Njengezingane ezisanda kuzalwa langazelelani ubisi lwezwi olungenakonakala, ukuze nikhule ngalo; uma-ke ninambithile ukuthi iNkosi inomusa. Okuza kuye njengetshe eliphilayo, elaliwayo ngempela ngabantu, kodwa elikhethiweyo nguNkulunkulu, eliyigugu; Nani njengamatshe aphilayo nakhiwe nibe yindlu yomoya, ubupristi obungcwele, ukuze ninikele imihlatshelo yomoya eyamukelekayo kuNkulunkulu ngoJesu Kristu. Ngakho-ke kukhona embhalweni ukuthi: Bheka, ngibeka eSiyoni itshe legumbi elikhethiweyo, eliyigugu; okholwa yiyo akayikujabhiswa.
1 kaPetru 2:1-6 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ngakho-ke lahlani bonke ububi, bonke ubuqili, ukuzenzisa, umhawu, nakho konke ukunyembenya. Njengezinsana ezisanda kuzalwa, langazelelani ubisi olungokomoya olungenakonakala, ukuze ngalo nikhule kube ngukusindiswa, uma seninambithile nezwa ukuthi iNkosi imnene. Sondelani kuyo, iyitshe eliphilileyo, elinqatshwe ngabantu, kepha kuNkulunkulu likhethekile, liyigugu. Nani njengamatshe aphilileyo, nakhiwe nibe yindlu yokomoya, ubuphristi obungcwele, ukuze ninikele ngemihlatshelo yokomoya eyamukelekayo kuNkulunkulu, ngaye uJesu Khristu. Ngokuba umbhalo, uthi
1 kaPetru 2:1-6 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngakho lahlani ububi bonke, nobuqili bonke, nokuzenzisa, nomhawu, nokuhleba konke; njengezingane ezisand' ukuzalwa langazelelani ubisi olungokomoya olungenakonakala, ukuze nikhule ngalo kube ngukusindiswa, uma seninambithile nezwa ukuthi iNkosi imnene. Sondelani kuyo, iyitshe eliphilileyo, elinqatshwe ngabantu, kepha kuNkulunkulu likhethekile, liyigugu, nakhiwe njengamatshe aphilileyo, nibe yindlu yokomoya, ubupristi obungcwele, ninikele ngemihlatshelo yokomoya eyamukelekayo kuNkulunkulu ngaye uJesu Kristu. Ngokuba kukhona embhalweni ukuthi
1 kaPetru 2:1-6 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)