enithokoza kakhulu ngalokho, nakuba manje nidatshukiswa yizilingo ezinhlobonhlobo, ukuze ubuqotho bokukholwa kwenu, okuyigugu kunegolide elibhubhayo noma livivinywa ngomlilo, kufunyanwe kube ngukubongwa, udumo, nokutuseka mhla kwembulwa uJesu Khristu, enimthanda ningambonanga, kuthi nakuba ningamboni manje, kodwa nikholwa nguye, nithokoza ngentokozo engenakuchazwa ngamazwi netusekayo, namukela umphumela wokukholwa kwenu oyinsindiso yemiphefumulo. Mayelana nensindiso, abaphrofethi bafunisisa becwaningisisa ngomusa okwaphrofethwa ngawo ebenizakwenzelwa wona. Baphenyisisa ukuthi yisiphi, futhi sinjani leso sikhathi esakhonjwa nguMoya kaKhristu owayekubo, efakaza ngaphambilini ngezinhlupheko zikaKhristu nangenkazimulo eyayizakulandela kamuva. Bambulelwa ukuthi lokho ababekwenza babengazenzeli nje bona, kodwa kwakuqondene nani, njengokuba bakhuluma ngalezo zinto, nani esenizizwa ngabashumayela ivangeli kini ngoMoya oNgcwele othunywe evela ezulwini, lezo zinto izingelosi ezilangazelela ukuzibona. Ngakho-ke hluzani izingqondo zenu, nime ngomumo, nizithibe, niwethembe ngokupheleleyo umusa enizakuwabelwa mhla kwembulwa uJesu Khristu.
Funda 1 KaPhethro 1
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: 1 KaPhethro 1:6-13
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo