1 kaPetru 1:6-13
1 kaPetru 1:6-13 IsiZulu 2020 (ZUL20)
enithokoza kakhulu ngalokho, nakuba manje nidatshukiswa yizilingo ezinhlobonhlobo, ukuze ubuqotho bokukholwa kwenu, okuyigugu kunegolide elibhubhayo noma livivinywa ngomlilo, kufunyanwe kube ngukubongwa, udumo, nokutuseka mhla kwembulwa uJesu Khristu, enimthanda ningambonanga, kuthi nakuba ningamboni manje, kodwa nikholwa nguye, nithokoza ngentokozo engenakuchazwa ngamazwi netusekayo, namukela umphumela wokukholwa kwenu oyinsindiso yemiphefumulo. Mayelana nensindiso, abaphrofethi bafunisisa becwaningisisa ngomusa okwaphrofethwa ngawo ebenizakwenzelwa wona. Baphenyisisa ukuthi yisiphi, futhi sinjani leso sikhathi esakhonjwa nguMoya kaKhristu owayekubo, efakaza ngaphambilini ngezinhlupheko zikaKhristu nangenkazimulo eyayizakulandela kamuva. Bambulelwa ukuthi lokho ababekwenza babengazenzeli nje bona, kodwa kwakuqondene nani, njengokuba bakhuluma ngalezo zinto, nani esenizizwa ngabashumayela ivangeli kini ngoMoya oNgcwele othunywe evela ezulwini, lezo zinto izingelosi ezilangazelela ukuzibona. Ngakho-ke hluzani izingqondo zenu, nime ngomumo, nizithibe, niwethembe ngokupheleleyo umusa enizakuwabelwa mhla kwembulwa uJesu Khristu.
1 kaPetru 1:6-13 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
enithokoza ngakho, nokuba manje ngesikhashana, uma kudingeka, nidabukiswa ngezilingo eziyizinhlobonhlobo, ukuze ukuvivinywa kokukholwa kwenu okuyigugu kunegolide elibhubhayo noma livivinywa ngomlilo kufunyanwe kube ngukubongwa, nodumo, nokutuseka ekwambulweni kukaJesu Kristu; enimthanda ningambonanga, enithi ningamboni manje nikholwa nguye, nithokoza ngentokozo engakhulumekiyo netusekayo, namukela isigcino sokukholwa kwenu esiyinsindiso yemiphefumulo. Ngayo leyo nsindiso babefunisisa bephenyisisa abaprofethi ababeprofetha ngomusa obuzakuza kinina, bephenya ukuthi yisiphi nokuba sinjani isikhathi asikhombayo uMoya kaKristu owayekubo, efakaza ngaphambili ngezinhlupheko eziqondene noKristu nangenkazimulo eyakulandela zona; abambulelwe ukuba bangazikhonzi bona kepha nina ngalezo zinto enishunyayezwa zona manje ngabanishumayeza ivangeli ngoMoya oNgcwele othunywe evela ezulwini, izinto ezizifisayo izingelosi ukuzibona. Ngalokho zibopheni izinkalo zengqondo yenu, nizithibe, nethembe ngokupheleleyo umusa enizakuwabelwa ekwambulweni kukaJesu Kristu.
1 kaPetru 1:6-13 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
elithokoza kakhulu ngakho, lanxa khathesi, uba kudingekile, seliselusizini ngezilingo ngezilingo; ukuze ukuvivinywa kokholo lwenu, okuligugu kakhulu kunegolide elibhubhayo, nakuba livivinywa ngomlilo, kufunyanwe kube yindumiso nodumo nenkazimulo ekubonakaleni kukaJesu Kristu; Eningambonanga niyamthanda; enikholwa kuye, nakuba ningamboni manje, nithokoza ngentokozo engakhulumekiyo negcwele inkazimulo; namukela isiphetho sokukholwa kwenu, ukusindiswa kwemiphefumulo yenu. okuyinsindiso abaprofethi abayifunisisa, bayihlolisisa, abaprofetha ngomusa owawuzakuza kini; behlolisisa ukuthi yisiphi, loba esinjani isikhathi uMoya kaKristu owayekubo, efakaza ngaphambili ngenhlupheko zikaKristu, lenkazimulo eyayiza kulandela. Akwambulwa kubo ukuthi babengazikhonzi bona, kodwa bakhonza thina ngalezo zinto esezishunyayelwa kini ngabanishumayeza ivangeli ngoMoya oNgcwele othunywe ezulwini; okuyizinto izingilosi ezifisa ukuzibona. Ngakho-ke bophani izinkalo zengqondo yenu, nizithibe, nithembele kuze kube sekupheleni umusa ozolethwa kini ekwambulweni kukaJesu Kristu
1 kaPetru 1:6-13 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Elithokoza kakhulu ngakho, lanxa khathesi, uba kudingekile, seliselusizini ngezilingo ngezilingo; ukuze ukuvivinywa kokholo lwenu, okuligugu kakhulu kunegolide elibhubhayo, nakuba livivinywa ngomlilo, kufunyanwe kube yindumiso nodumo nenkazimulo ekubonakaleni kukaJesu Kristu; Eningambonanga niyamthanda; enikholwa kuye, nakuba ningamboni manje, nithokoza ngentokozo engakhulumekiyo negcwele inkazimulo; namukela isiphetho sokukholwa kwenu, ukusindiswa kwemiphefumulo yenu. Okuyinsindiso abaprofethi abayifunisisa, bayihlolisisa, abaprofetha ngomusa owawuzakuza kini; behlolisisa ukuthi yisiphi, loba esinjani isikhathi uMoya kaKristu owayekubo, efakaza ngaphambili ngenhlupheko zikaKristu, lenkazimulo eyayiza kulandela. Akwambulwa kubo ukuthi babengazikhonzi bona, kodwa bakhonza thina ngalezo zinto esezishunyayelwa kini ngabanishumayeza ivangeli ngoMoya oNgcwele othunywe ezulwini; okuyizinto izingilosi ezifisa ukuzibona. Ngakho-ke bophani izinkalo zengqondo yenu, nizithibe, nithembele kuze kube sekupheleni umusa ozolethwa kini ekwambulweni kukaJesu Kristu