1 AMakhosi 4:20-34

1 AMakhosi 4:20-34 ZUL20

OJuda no-Israyeli babebaningi ngangesihlabathi solwandle, bedla, bephuza, bejabula. USolomoni wabusa phezu kwemibuso yonke, kusukela emfuleni kuze kube sezweni lamaFilisti nasemngceleni eGibhithe; bathela intela, bamkhonza uSolomoni zonke izinsuku zokuhamba kwakhe. Ukudla kukaSolomoni, ngosuku olulodwa, kwakungamakhora angama-30 empuphu ecolisekileyo, amakhora angama-60 empuphu, izinkabi ezilishumi ezikhuluphalisiweyo, izinkabi ezingama-20 zasemadlelweni, izimvu eziyikhulu ngaphandle kwezindluzele, amanxala, izinsephe, nezinkukhu ezikhuluphalisiweyo. Wabusa ezweni lonke, ngaphesheya komfula kusukela eThifisa kuze kube seGaza, phezu kwawo wonke amakhosi ngaphesheya komfula; wayenokuthula nxazonke zakhe. OJuda no-Israyeli bahlala belondekile, kwaba yilowo nalowo phansi komvini wakhe nomkhiwane wakhe, kusukela kwaDani kuze kube seBheri Sheba, zonke izinsuku zikaSolomoni. USolomoni wayenezipani ezingama-40 000 zamahhashi ezinqola zakhe nabasebenzisa amahhashi abayizi-12 000. Lezi zinduna zaziyilethela ukudla inkosi uSolomoni, nabo bonke abasondela etafuleni lenkosi uSolomoni, yileyo naleyo ngenyanga yayo; kwakungasweleki lutho. Zaletha nebhali, nefoliji lamahhashi, namahhashi anejubane lapho zazikhona, kwaba yileyo naleyo njengokunqunyelwe yona. UNkulunkulu wamnika uSolomoni ukuhlakanipha nokuqonda okukhulu kakhulu, nengqondo esabalele okwesihlabathi esisogwini lolwandle. Ukuhlakanipha kukaSolomoni kwakukukhulu kwedlula ukuhlakanipha kwabantu bonke basempumalanga nakho konke ukuhlakanipha kwaseGibhithe. Wayehlakaniphe kunabo bonke abantu: kuno-Ethani umEzra, uHemani, uKalikoli, uDarda, amadodana kaMaholi, negama lakhe lalisezizweni zonke, nxazonke. Waqamba izaga eziyizi-3 000; amaculo akhe ayeyi-1 005. Wacwaninga ngezihlahla, kusukela kuwo umsedari oseLebhanoni kuze kube kulo ihisophi elimila odongeni; wacwaninga ngezinkomo, ngezinyoni, ngezilwanyana ezinwabuzelayo nangezinhlanzi. Kwafika abantu bevela ezizweni zonke ukuzozwa ukuhlakanipha kukaSolomoni, babevela kuwo wonke amakhosi omhlaba ayezwile ngokuhlakanipha kwakhe.