1 AmaKhosi 4:20-34

1 AmaKhosi 4:20-34 ZUL59

OJuda no-Israyeli babe baningi ngangesihlabathi solwandle ngobuningi, bedla, bephuza, bejabula. USolomoni wabusa phezu kwemibuso yonke kusukela eMfuleni* kuze kube sezweni lamaFilisti nasemkhawulweni waseGibithe; bathela intela, bamkhonza uSolomoni zonke izinsuku zokuhamba kwakhe. Ukudla kukaSolomoni ngosuku olulodwa kwakungamakhora* angamashumi amathathu empuphu ecolekileyo, namakhora angamashumi ayisithupha empuphu, nezinkabi eziyishumi ezikhuluphalisiweyo, nezinkabi ezingamashumi amabili zasemadlelweni, nezimvu eziyikhulu ngaphandle kwezindluzele, namanxala, nezinsephe, nezinkuku ezikhuluphalisiweyo. Wabusa ezweni lonke ngaphesheya koMfula* kusukela eThifisa kuze kube seGaza phezu kwawo onke amakhosi ngaphesheya koMfula; wayenokuthula nxazonke zakhe. OJuda no-Israyeli bahlala belondekile, kwaba yilowo nalowo phansi komvini wakhe nomkhiwane wakhe, kusukela kwaDani kuze kube seBeri Sheba, zonke izinsuku zikaSolomoni. USolomoni wayenezipani* eziyizinkulungwane ezingamashumi amane zamahhashi ezinqola zakhe nabamahhashi abayizinkulungwane eziyishumi nambili. Izinduna lezo zafunela ukudla inkosi uSolomoni nabo bonke abasondela etafuleni lenkosi uSolomoni, kwaba yileyo naleyo ngenyanga yayo; kwakungasweleki lutho. Nebhali,* nefoliji* lamahhashi, namahhashi anejubane zakuletha endaweni lapho zikhona, kwaba yileyo naleyo njengokunqunyelwe yona. UNkulunkulu wamnika uSolomoni ukuhlakanipha nengqondo ebanzi kakhulu, nenhliziyo enkulu ngangesihlabathi esisogwini lolwandle. Ukuhlakanipha kukaSolomoni kwadlula ukuhlakanipha kwabantu bonke basempumalanga nakho konke ukuhlakanipha kwaseGibithe. Ngokuba wayehlakaniphile kunabo bonke abantu: kuno-Ethani umEzra, noHemani, noKalikoli, noDarda amadodana kaMaholi, negama lakhe lalisezizweni zonke nxazonke. Waqamba izaga eziyizinkulungwane ezintathu; amaculo akhe ayeyinkulungwane nanhlanu. Wakhuluma ngemithi kusukela kuwo umsedari* oseLebanoni kuze kube kulo ihisopi* elimila odongeni; wakhuluma nangezinkomo, nangezinyoni, nangezilwanyana ezinwabuzelayo, nangezinhlanzi. Kwafika abantu basezizweni zonke ukuzwa ukuhlakanipha kukaSolomoni bevela emakhosini onke abezwile ukuhlakanipha kwakhe.