1 AmaKhosi 4:20-34

1 AmaKhosi 4:20-34 IsiZulu 2020 (ZUL20)

OJuda no-Israyeli babebaningi ngangesihlabathi solwandle, bedla, bephuza, bejabula. USolomoni wabusa phezu kwemibuso yonke, kusukela emfuleni kuze kube sezweni lamaFilisti nasemngceleni eGibhithe; bathela intela, bamkhonza uSolomoni zonke izinsuku zokuhamba kwakhe. Ukudla kukaSolomoni, ngosuku olulodwa, kwakungamakhora angama-30 empuphu ecolisekileyo, amakhora angama-60 empuphu, izinkabi ezilishumi ezikhuluphalisiweyo, izinkabi ezingama-20 zasemadlelweni, izimvu eziyikhulu ngaphandle kwezindluzele, amanxala, izinsephe, nezinkukhu ezikhuluphalisiweyo. Wabusa ezweni lonke, ngaphesheya komfula kusukela eThifisa kuze kube seGaza, phezu kwawo wonke amakhosi ngaphesheya komfula; wayenokuthula nxazonke zakhe. OJuda no-Israyeli bahlala belondekile, kwaba yilowo nalowo phansi komvini wakhe nomkhiwane wakhe, kusukela kwaDani kuze kube seBheri Sheba, zonke izinsuku zikaSolomoni. USolomoni wayenezipani ezingama-40 000 zamahhashi ezinqola zakhe nabasebenzisa amahhashi abayizi-12 000. Lezi zinduna zaziyilethela ukudla inkosi uSolomoni, nabo bonke abasondela etafuleni lenkosi uSolomoni, yileyo naleyo ngenyanga yayo; kwakungasweleki lutho. Zaletha nebhali, nefoliji lamahhashi, namahhashi anejubane lapho zazikhona, kwaba yileyo naleyo njengokunqunyelwe yona. UNkulunkulu wamnika uSolomoni ukuhlakanipha nokuqonda okukhulu kakhulu, nengqondo esabalele okwesihlabathi esisogwini lolwandle. Ukuhlakanipha kukaSolomoni kwakukukhulu kwedlula ukuhlakanipha kwabantu bonke basempumalanga nakho konke ukuhlakanipha kwaseGibhithe. Wayehlakaniphe kunabo bonke abantu: kuno-Ethani umEzra, uHemani, uKalikoli, uDarda, amadodana kaMaholi, negama lakhe lalisezizweni zonke, nxazonke. Waqamba izaga eziyizi-3 000; amaculo akhe ayeyi-1 005. Wacwaninga ngezihlahla, kusukela kuwo umsedari oseLebhanoni kuze kube kulo ihisophi elimila odongeni; wacwaninga ngezinkomo, ngezinyoni, ngezilwanyana ezinwabuzelayo nangezinhlanzi. Kwafika abantu bevela ezizweni zonke ukuzozwa ukuhlakanipha kukaSolomoni, babevela kuwo wonke amakhosi omhlaba ayezwile ngokuhlakanipha kwakhe.

1 AmaKhosi 4:20-34 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

OJuda no-Israyeli babe baningi ngangesihlabathi solwandle ngobuningi, bedla, bephuza, bejabula. USolomoni wabusa phezu kwemibuso yonke kusukela eMfuleni* kuze kube sezweni lamaFilisti nasemkhawulweni waseGibithe; bathela intela, bamkhonza uSolomoni zonke izinsuku zokuhamba kwakhe. Ukudla kukaSolomoni ngosuku olulodwa kwakungamakhora* angamashumi amathathu empuphu ecolekileyo, namakhora angamashumi ayisithupha empuphu, nezinkabi eziyishumi ezikhuluphalisiweyo, nezinkabi ezingamashumi amabili zasemadlelweni, nezimvu eziyikhulu ngaphandle kwezindluzele, namanxala, nezinsephe, nezinkuku ezikhuluphalisiweyo. Wabusa ezweni lonke ngaphesheya koMfula* kusukela eThifisa kuze kube seGaza phezu kwawo onke amakhosi ngaphesheya koMfula; wayenokuthula nxazonke zakhe. OJuda no-Israyeli bahlala belondekile, kwaba yilowo nalowo phansi komvini wakhe nomkhiwane wakhe, kusukela kwaDani kuze kube seBeri Sheba, zonke izinsuku zikaSolomoni. USolomoni wayenezipani* eziyizinkulungwane ezingamashumi amane zamahhashi ezinqola zakhe nabamahhashi abayizinkulungwane eziyishumi nambili. Izinduna lezo zafunela ukudla inkosi uSolomoni nabo bonke abasondela etafuleni lenkosi uSolomoni, kwaba yileyo naleyo ngenyanga yayo; kwakungasweleki lutho. Nebhali,* nefoliji* lamahhashi, namahhashi anejubane zakuletha endaweni lapho zikhona, kwaba yileyo naleyo njengokunqunyelwe yona. UNkulunkulu wamnika uSolomoni ukuhlakanipha nengqondo ebanzi kakhulu, nenhliziyo enkulu ngangesihlabathi esisogwini lolwandle. Ukuhlakanipha kukaSolomoni kwadlula ukuhlakanipha kwabantu bonke basempumalanga nakho konke ukuhlakanipha kwaseGibithe. Ngokuba wayehlakaniphile kunabo bonke abantu: kuno-Ethani umEzra, noHemani, noKalikoli, noDarda amadodana kaMaholi, negama lakhe lalisezizweni zonke nxazonke. Waqamba izaga eziyizinkulungwane ezintathu; amaculo akhe ayeyinkulungwane nanhlanu. Wakhuluma ngemithi kusukela kuwo umsedari* oseLebanoni kuze kube kulo ihisopi* elimila odongeni; wakhuluma nangezinkomo, nangezinyoni, nangezilwanyana ezinwabuzelayo, nangezinhlanzi. Kwafika abantu basezizweni zonke ukuzwa ukuhlakanipha kukaSolomoni bevela emakhosini onke abezwile ukuhlakanipha kwakhe.

1 AmaKhosi 4:20-34 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

UJuda no-Israyeli babebaningi ngangesihlabathi esingasolwandle ngobuningi, babedla, bephuza, bejabula. USolomoni wabusa phezu kwemibuso yonke kusukela emfuleni kuze kube sezweni lamaFilisti nasemkhawulweni waseGibithe; baletha izipho, bamkhonza uSolomoni zonke izinsuku zokuhamba kwakhe. Ukudla kukaSolomoni kosuku lunye kwakungamakhora angamashumi amathathu empuphu ecolekileyo namakhora angamashumi ayisithupha empuphu; Izinkomo eziyishumi ezikhuluphalisiweyo, nezinkomo ezingamashumi amabili zasemadlelweni, nemihlambi eyikhulu, ngaphandle kwezinyamazane, nezinyamazane, nezinyoni ezikhuluphalisiweyo. Wabusa phezu kwawo wonke umkhawulo ongasentshonalanga koMfula, kusukela eTifsa kuze kube se-Aza, phezu kwawo wonke amakhosi phesheya koMfula; waba nokuthula nxazonke zakhe. OJuda no-Israyeli bahlala belondekile, kwaba yilowo nalowo phansi komvini wakhe naphansi komkhiwane wakhe, kusukela kwaDani kuze kube seBeri Sheba, zonke izinsuku zikaSolomoni. USolomoni wayenezibaya eziyizinkulungwane ezingamashumi amane zezinqola zakhe nabamahhashi abayizinkulungwane eziyishumi nambili. Lezo zikhulu zanika inkosi uSolomoni ukudla nabo bonke ababeza etafuleni lenkosi uSolomoni, kwaba yileso naleso ngenyanga yaso; abaswelanga lutho. Baletha nebhali notshani bamahhashi namahhashi amancane, endaweni lapho izinduna zazikhona, kwaba yilowo nalowo njengokwesimiso sakhe. UNkulunkulu wamnika uSolomoni ukuhlakanipha nokuqonda okuningi, nobubanzi benhliziyo, njengesihlabathi esisogwini lolwandle. Ukuhlakanipha kukaSolomoni kwakungcono kunokuhlakanipha kwabo bonke abantwana bezwe lasempumalanga nakho konke ukuhlakanipha kwaseGibhithe. Ngokuba wayehlakaniphe kunabo bonke abantu; njengo-Ethani umEzra, noHemani, noKalikoli, noDarda, amadodana kaMaholi; futhi umbiko wakhe wawuphakathi kwezizwe zonke nxazonke. Wakhuluma izaga eziyizinkulungwane ezintathu, izingoma zakhe zaziyinkulungwane nanhlanu. Wakhuluma ngemithi, kusukela kumsedari oseLebanoni kuze kufike kuhisopi elimila odongeni; wakhuluma nangezilwane, nezinyoni, nezilwanyana ezinwabuzelayo nezinhlanzi. Kwasekufika bevela ebantwini bonke ukuzwa ukuhlakanipha kukaSolomoni bevela kuwo wonke amakhosi omhlaba ayezwile ngokuhlakanipha kwakhe.