1 AMakhosi 3:5-14

1 AMakhosi 3:5-14 ZUL20

EseGibheyoni uSimakade wabonakala kuye ngephupho ebusuku, uNkulunkulu wathi kuye: “Cela lokho othanda ukuba ngikuphe khona.” USolomoni wathi: “Ukhombise umusa omkhulu encekwini yakho uDavide, ubaba, ngoba wahamba phambi kwakho ngokwethembeka, ngokulunga nangobuqotho benhliziyo kuwe, wamgcinela lowo musa omkhulu, wamnika indodana ukuba ihlale esihlalweni sakhe sobukhosi njengalokhu kwenzeka namuhla. “Manje-ke, Simakade Nkulunkulu wami, uyibekile inceku yakho ukuba ibe yinkosi esikhundleni sikababa uDavide, noma ngisengumntwana nje. Angikakwazi ukungena nokuphuma. Inceku yakho uyibeke phakathi kwesizwe sakho osikhethileyo, isizwe esikhulu esingenakubalwa, nobuningi baso obungenakuqondwa. Ngakho-ke yiphe inceku yakho inhliziyo elalelayo ukuze ikwazi ukubusa abantu bakho, ikwazi ukwehlukanisa phakathi kokuhle nokubi, ngokuba ngubani ongabusa lesi sizwe sakho esikhulu kangaka na?” Lokhu kwaba kuhle emehlweni eNkosi uSimakade, ukuthi uSolomoni acele leyo nto. UNkulunkulu wathi kuye: “Ngokuba ucele lokho, awuzange uzicelele impilo ende, noma ingcebo, noma ucele ukuba kufe izitha zakho, kodwa ucele ukuqonda lapho wehlulela; uyabona-ke, ngenzile njengokwezwi lakho. Ngikunika inhliziyo enokuhlakanipha nokuqonda; okungazange kube khona namunye owake wafana nawe phambilini, futhi okungayikuba bikho oyovela emva kwakho. Ngizokunika nongazange ukucele; ingcebo nodumo. Akukho nayinye phakathi kwamakhosi eyolinganiswa nawe, izinsuku zonke zokuphila kwakho. Uma nje uyohamba ngezindlela zami, ugcine izimiso zami nemithetho yami, njengalokhu ahamba uyihlo uDavide, ngiyokwandisa izinsuku zokuphila kwakho.”

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne 1 AMakhosi 3:5-14

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo