1 AmaKhosi 3:5-14

1 AmaKhosi 3:5-14 IsiZulu 2020 (ZUL20)

EseGibheyoni uSimakade wabonakala kuye ngephupho ebusuku, uNkulunkulu wathi kuye: “Cela lokho othanda ukuba ngikuphe khona.” USolomoni wathi: “Ukhombise umusa omkhulu encekwini yakho uDavide, ubaba, ngoba wahamba phambi kwakho ngokwethembeka, ngokulunga nangobuqotho benhliziyo kuwe, wamgcinela lowo musa omkhulu, wamnika indodana ukuba ihlale esihlalweni sakhe sobukhosi njengalokhu kwenzeka namuhla. “Manje-ke, Simakade Nkulunkulu wami, uyibekile inceku yakho ukuba ibe yinkosi esikhundleni sikababa uDavide, noma ngisengumntwana nje. Angikakwazi ukungena nokuphuma. Inceku yakho uyibeke phakathi kwesizwe sakho osikhethileyo, isizwe esikhulu esingenakubalwa, nobuningi baso obungenakuqondwa. Ngakho-ke yiphe inceku yakho inhliziyo elalelayo ukuze ikwazi ukubusa abantu bakho, ikwazi ukwehlukanisa phakathi kokuhle nokubi, ngokuba ngubani ongabusa lesi sizwe sakho esikhulu kangaka na?” Lokhu kwaba kuhle emehlweni eNkosi uSimakade, ukuthi uSolomoni acele leyo nto. UNkulunkulu wathi kuye: “Ngokuba ucele lokho, awuzange uzicelele impilo ende, noma ingcebo, noma ucele ukuba kufe izitha zakho, kodwa ucele ukuqonda lapho wehlulela; uyabona-ke, ngenzile njengokwezwi lakho. Ngikunika inhliziyo enokuhlakanipha nokuqonda; okungazange kube khona namunye owake wafana nawe phambilini, futhi okungayikuba bikho oyovela emva kwakho. Ngizokunika nongazange ukucele; ingcebo nodumo. Akukho nayinye phakathi kwamakhosi eyolinganiswa nawe, izinsuku zonke zokuphila kwakho. Uma nje uyohamba ngezindlela zami, ugcine izimiso zami nemithetho yami, njengalokhu ahamba uyihlo uDavide, ngiyokwandisa izinsuku zokuphila kwakho.”

1 AmaKhosi 3:5-14 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

EGibeyoni uJehova wabonakala kuSolomoni ngephupho ebusuku; uNkulunkulu wathi: “Cela lokhu othanda ukuba ngikunike khona.” USolomoni wathi: “Wenzele inceku yakho uDavide ubaba umusa omkhulu njengokuhamba kwakhe phambi kwakho ngeqiniso, nangokulunga, nangobuqotho benhliziyo kuwe, wamgcinela futhi lowo musa omkhulu, wamnika indodana ukuba ihlale esihlalweni sakhe sobukhosi, njengokuba kunjalo namuhla. “Manje, Jehova Nkulunkulu wami, ubekile inceku yakho inkosi esikhundleni sikaDavide ubaba; ngingumntwana omncane nje, angikwazi nokungena nokuphuma. Inceku yakho iphakathi kwabantu bakho obakhethileyo, isizwe esikhulu, esingenakubalwa, esingenakuthathwa umumo waso ngobuningi. Ngalokho yiphe inceku yakho inhliziyo elalelayo ukwahlulela abantu bakho ukuba ngahlukanise okuhle nokubi, ngokuba ngubani ongahlulela laba bantu bakho abakhulu kangaka na?” Leyo nkulumo yaba nhle emehlweni eNkosi ukuba uSolomoni wayecele leyo nto. Wathi uNkulunkulu kuye: “Ngokuba ucele leyo nto, ungazicelelanga izinsuku eziningi, ungazicelelanga namfuyo, ungacelanga futhi ukufa kwezitha zakho, uzicelele ukwahlukanisa lokho okuzwayo ekwahluleleni, bheka, ngenzile njengezwi lakho: nakhu, ngikunika inhliziyo enokuhlakanipha nokuqonda, okungazange kube khona okunjengakho ngaphambi kwakho nokungayikuvela futhi okunjengakho nangasemva kwakho. Ngikunika futhi nalokho ongakucelanga, imfuyo nodumo, ngangokuba kungayikubakho onjengawe phakathi kwamakhosi zonke izinsuku zakho. Uma uhamba ngezindlela zami, ugcine izimiso zami nemiyalo yami, njengalokho uyihlo uDavide wahamba, ngiyakwandisa izinsuku zakho.”

1 AmaKhosi 3:5-14 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

EGibeyoni, uJehova wabonakala kuSolomoni ngephupho ebusuku, futhi uNkulunkulu wathi: “Cela into engizokunika yona.” Wayesethi uSolomoni: “Wenze umusa omkhulu encekwini yakho, ubaba uDavide, njengoba ayehamba phambi kwakho ngeqiniso, nangokulunga, nangobuqotho benhliziyo kuwe; umgcinele lomusa omkhulu ukuthi umnike indodana ukuba ihlale esihlalweni sakhe sobukhosi njenganamuhla. Manje, Jehova Nkulunkulu wami, usubekile inceku yakho inkosi esikhundleni sikaDavide ubaba, mina ngingumntwana omncane; angazi ngiphume noma ngingene kanjani. Inceku yakho iphakathi kwabantu bakho obakhethileyo, abantu abaningi abangenakubalwa, abangenakubalwa ngenxa yobuningi. Khona-ke unike inceku yakho inhliziyo eqondayo ukwahlulela abantu bakho, ukuze ngahlukanise phakathi kokuhle nokubi; ngoba ngubani ongahlulela lesi sizwe sakho esikhulu? Leli zwi laba mnandi eNkosini, ngokuba uSolomoni walibuza. UNkulunkulu wathi kuye: “Ngokuba ucele lokho, ungazicelelanga izinsuku eziningi; awuzange ucele ingcebo yakho, futhi awuzange ucele ukuphila kwezitha zakho; kodwa ucele ukuqedisisa kwakho ukuze uhlukanise ukwahlulela; Bheka, ngenze njengokwamazwi akho; bheka, ngikunike inhliziyo ehlakaniphileyo neqondayo; ukuze kakho onjengawe ngaphambi kwakho, langemva kwakho kakuyikuvela onjengawe. Futhi ngakunika lokho ongakucelanga, ingcebo nodumo, ukuze kungabikho onjengawe phakathi kwamakhosi zonke izinsuku zakho. Uma uhamba ezindleleni zami ukugcina izimiso zami nemiyalo yami, njengalokho wahamba uyihlo uDavide, ngiyakwandisa izinsuku zakho.