1 AMakhosi 2:1-3

1 AMakhosi 2:1-3 ZUL20

Lapho sezisondela izinsuku zokufa kukaDavide, wayiyala indodana yakhe, uSolomoni, wathi: “Mina sengizohamba indlela ehanjwa yibo bonke abaphilayo, ngakho-ke wena qina, ube yindoda. Gcina isiyalezo akuyala ngaso uSimakade uNkulunkulu wakho, uhambe ezindleleni zakhe. Gcina izimiso zakhe, imithetho yakhe, imiyalo yakhe nobufakazi bakhe, njengalokhu kubhalwe emthethweni kaMose, ukuze uphumelele kukho konke oyokwenza nakulokho oyophendukela kukho.