1 AmaKhosi 2:1-3
1 AmaKhosi 2:1-3 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Lapho sezisondela izinsuku zokufa kukaDavide, wayiyala indodana yakhe, uSolomoni, wathi: “Mina sengizohamba indlela ehanjwa yibo bonke abaphilayo, ngakho-ke wena qina, ube yindoda. Gcina isiyalezo akuyala ngaso uSimakade uNkulunkulu wakho, uhambe ezindleleni zakhe. Gcina izimiso zakhe, imithetho yakhe, imiyalo yakhe nobufakazi bakhe, njengalokhu kubhalwe emthethweni kaMose, ukuze uphumelele kukho konke oyokwenza nakulokho oyophendukela kukho.
1 AmaKhosi 2:1-3 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Izinsuku zikaDavide zasondela ekufeni; wayesemyala uSolomoni indodana yakhe, ethi: “Mina sengihamba indlela yawo wonke umhlaba; ngalokho qina, ube yindoda, ugcine isiyalezo sikaJehova uNkulunkulu wakho ukuba uhambe ezindleleni zakhe, ugcine izimiso zakhe, nemiyalo yakhe, nezahlulelo zakhe, nobufakazi bakhe njengokulotshiweyo emthethweni kaMose, ukuze uphumelele kukho konke okwenzayo nakukho konke okubhekayo
1 AmaKhosi 2:1-3 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Zase zisondela izinsuku zikaDavide zokufa kwakhe; wayala uSolomoni indodana yakhe, wathi: Mina ngihamba indlela yomhlaba wonke; khona-ke qina, uzibonakalise uyindoda; ugcine umyalo kaJehova uNkulunkulu wakho, uhambe ezindleleni zakhe, ugcine izimiso zakhe, nemiyalo yakhe, nezahlulelo zakhe, nobufakazi bakhe, njengokulotshiweyo emthethweni kaMose, ukuze uphumelele kukho konke okwenzayo; futhi nomaphi lapho uphendukela khona