1 AMakhosi 19:11-13

1 AMakhosi 19:11-13 ZUL20

Wathi: “Phuma, ume entabeni phambi kukaSimakade.” USimakade wedlula, umoya omkhulu onamandla wadabula izintaba, waphahlaza amadwala phambi kukaSimakade, kodwa uSimakade wayengekho emoyeni. Emva komoya kwazamazama umhlaba, kodwa wayengekho uSimakade ekuzamazameni komhlaba. Emva kokuzamazama komhlaba, kwaba khona umlilo, kodwa wayengekho uSimakade emlilweni. Emva komlilo, kwaba nezwi elincane elihlebezayo. Kwathi lapho u-Eliya elizwa wagubuzela ubuso bakhe ngengubo yakhe, waphuma, wema ekungeneni komgede. Kwase kufika kuye izwi, lathi: “Eliya, wenzani lapha na?”