1 AmaKhosi 19:11-13
1 AmaKhosi 19:11-13 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Wathi: “Phuma, ume entabeni phambi kukaSimakade.” USimakade wedlula, umoya omkhulu onamandla wadabula izintaba, waphahlaza amadwala phambi kukaSimakade, kodwa uSimakade wayengekho emoyeni. Emva komoya kwazamazama umhlaba, kodwa wayengekho uSimakade ekuzamazameni komhlaba. Emva kokuzamazama komhlaba, kwaba khona umlilo, kodwa wayengekho uSimakade emlilweni. Emva komlilo, kwaba nezwi elincane elihlebezayo. Kwathi lapho u-Eliya elizwa wagubuzela ubuso bakhe ngengubo yakhe, waphuma, wema ekungeneni komgede. Kwase kufika kuye izwi, lathi: “Eliya, wenzani lapha na?”
1 AmaKhosi 19:11-13 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Wathi: “Phuma, ume entabeni phambi kukaJehova.” Bheka, uJehova wadlula, umoya omkhulu onamandla wadabula izintaba, waphahlaza amadwala phambi kukaJehova; kepha uJehova wayengekho emoyeni; emva komoya kwazamazama umhlaba; kepha uJehova wayengekho ekuzamazameni komhlaba; emva kokuzamazama komhlaba ngumlilo; kepha uJehova wayengekho emlilweni; emva komlilo yizwi elincane elihashazayo. U-Eliya esezwile lokho wagubuzela ubuso bakhe ngengubo yakhe, waphuma, wema emnyango womhume. Bheka, kwafika kuye izwi, lathi: “Wenzani lapha, Eliya, na?”
1 AmaKhosi 19:11-13 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Wathi: “Phuma, ume entabeni phambi kukaJehova.” Bheka, uJehova wadlula, umoya omkhulu onamandla wadabula izintaba, waphahlaza amadwala phambi kukaJehova; kepha uJehova wayengekho kulowo moya, emva komoya ukuzamazama komhlaba; kepha uJehova wayengekho ekuzamazameni komhlaba. Emva kokuzamazama komhlaba umlilo; kepha uJehova wayengekho emlilweni, emva komlilo izwi elincane elizolile. U-Eliya ekuzwa lokho wagubuzela ubuso bakhe ngengubo yakhe, waphuma wema emnyango womhume. Bheka, kwafika kuye izwi, lathi: “Wenzani lapha, Eliya?