1 AMakhosi 17:2-6

1 AMakhosi 17:2-6 ZUL20

Izwi likaSimakade lafika kuye, lathi: “Suka lapha, uhambe ubheke ngasempumalanga, ufike ucashe ngasemfudlaneni iKherithi, ophambi kweJordani. Uyophuza emfudlaneni, Mina ngiyale amagwababa ukuba akondle lapho.” Wahamba, wenza njengalokhu izwi likaSimakade limyalile; wahamba wahlala ngasemfudlaneni iKherithi ophambi kweJordani. Amagwababa amlethela isinkwa nenyama ekuseni, nesinkwa nenyama kusihlwa, waphuza emfudlaneni.