1 AmaKhosi 17:2-6

1 AmaKhosi 17:2-6 ZUL59

Izwi likaJehova lafika kuye, lathi: “Suka lapha, uye ngasempumalanga, ucashe ngasemfudlaneni iKeriti ongaphambi kweJordani. Kuyakuthi uphuze emfudlaneni; ngiyalile amagwababa ukuba akondle khona.” Wahamba wenza njengezwi likaJehova, ngokuba wahamba wahlala ngasemfudlaneni iKeriti ongaphambi kweJordani. Amagwababa amlethela isinkwa nenyama ekuseni, nesinkwa nenyama kusihlwa, waphuza emfudlaneni.