1 AMakhosi 15:1-34

1 AMakhosi 15:1-34 ZUL20

Ngonyaka we-18 wokubusa kwenkosi uJerobhowamu, indodana kaNebhathi, u-Abhiyamu waba yinkosi kwaJuda. Wabusa iminyaka emithathu eJerusalema. Igama likanina kwakunguMahakha, indodakazi ka-Absalomu. Wenza zonke izono ezazenziwe nguyise ngaphambi kwakhe. Inhliziyo yakhe yayingekho kuSimakade uNkulunkulu wakhe ngokupheleleyo njengenhliziyo kaDavide, ukhokho wakhe. Nokho ngenxa kaDavide, uSimakade uNkulunkulu wakhe wamnika isibani eJerusalema ngokuphakamisa indodana yakhe emva kwakhe, nangokuqinisa iJerusalema. Lokhu wakwenza ngokuba uDavide weyenze okulungile emehlweni kaSimakade; akaphambukanga kukho konke ayemyale ngakho zonke izinsuku zokuphila kwakhe, ngaphandle nje kodaba luka-Uriya, umHithi. Kwakukhona ukulwa phakathi kukaRehobhowamu noJerobhowamu zonke izinsuku zokuphila kwakhe. Ezinye izindaba zika-Abhiyamu nakho konke akwenzayo, kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwaJuda. Kwakukhona ukulwa phakathi kuka-Abhiyamu noJerobhowamu. U-Abhiyamu walaliswa kokhokho bakhe; bammbela kwabakubo emzini kaDavide; u-Asa, indodana yakhe, waba yinkosi esikhundleni sakhe. Ngonyaka wama-20 uJerobhowamu eyinkosi yakwa-Israyeli, u-Asa waba yinkosi yakwaJuda. Wabusa iminyaka engama-41 eJerusalema; igama likanina kwakunguMahakha, indodakazi ka-Absalomu. U-Asa wenza okulungile emehlweni kaSimakade njengoDavide, ukhokho wakhe. Waxosha izifebe zesilisa zethempeli ezweni, wasusa zonke izithombe ababezenzile okhokho bakhe. Wamehlisa uMahakha, unina, ekubeni yindlovukazi, ngokuba wayenzele u-Ashera isithombe esinengekayo. U-Asa wasinquma isithombe sakhe, wasishisa ngasemfudlaneni iKidroni. Kepha izindawo eziphakemeyo azisuswanga; nokho inhliziyo ka-Asa yayikuSimakade ngokupheleleyo zonke izinsuku zakhe. Wazingenisa endlini kaSimakade izinto ezingcwele zikayise nezakhe ezingcwele: isiliva, igolide, nezitsha. Kwakukhona ukulwa phakathi kuka-Asa noBhahasha, inkosi yakwa-Israyeli, zonke izinsuku zabo. UBhahasha, inkosi yakwa-Israyeli, wenyuka wayohlasela uJuda, wakha iRama, ukuze angavumeli muntu oya novela ku-Asa, inkosi yakwaJuda. U-Asa wathatha lonke isiliva negolide elalisele engcebeni yendlu kaSimakade nengcebo yesigodlo senkosi, wakunika izinceku zakhe, wayesezithumela kuBheni Hadadi, indodana kaThabhirimoni kaHeziyoni, inkosi yase-Aramu, owayehlala eDamaseku, wathi: “Kukhona isivumelwano phakathi kwami nawe naphakathi kukababa noyihlo. Ngithumela kuwe isipho sesiliva nesegolide; hamba waphule isivumelwano sakho noBhahasha, inkosi yakwa-Israyeli, ukuze ahlukane nami.” UBheni Hadadi wayilalela inkosi u-Asa, wathumela abakhuzi bempi yakhe ukuba bayohlasela imizi yakwa-Israyeli. Wanqoba i-Ijoni, iDani, i-Abhela Bhethi Mahakha, lonke iKhinerothi, nalo lonke izwe lakwaNafethali. Kwathi lapho uBhahasha ezwa lokho, wayeka ukwakha iRama, wahlala eThirisa. Inkosi u-Asa yase yenza isimemezelo kuwo wonke uJuda; akekho owayenokuzilandulela;, bawasusa amatshe ayeseRama nezingodo ezazilapho uBhahasha ayakhe ngakho. Inkosi u-Asa yakha ngalokho iGebha kwaBhenjamini neMizpha. Zonke ezinye izindaba zika-Asa, konke aphumelela kukho, konke akwenza, nemizi ayakhayo, akulotshiwe yini encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwaJuda na? Ngesikhathi esemdala wayenesifo sezinyawo. U-Asa walaliswa kokhokho bakhe, wambelwa nokhokho bakhe emzini kaDavide, ukhokho wakhe; uJehoshafathi, indodana yakhe, waba yinkosi esikhundleni sakhe. UNadabi, indodana kaJerobhowamu, waba yinkosi phezu kuka-Israyeli ngonyaka wesibili wokubusa kuka-Asa, inkosi yakwaJuda; wabusa kwa-Israyeli iminyaka emibili. Wenza okubi emehlweni kaSimakade, wahamba endleleni kayise nasesonweni sakhe onisa ngaso u-Israyeli. UBhahasha, indodana ka-Ahiya wendlu ka-Isakhare, wamenzela ugobe; wamnqoba eGibhethoni lamaFilisti, ngokuba uNadabi nawo wonke u-Israyeli babelivimbezele iGibhethoni. Ngonyaka wesithathu wokubusa kuka-Asa, inkosi yakwaJuda, uBhahasha wambulala, wabusa esikhundleni sakhe. Kwathi lapho eseyinkosi, wabulala bonke abendlu kaJerobhowamu; kamshiyelanga noyedwa ophilayo, wayiqothula nya, njengokusho kwezwi likaSimakade alisho ngomlomo wenceku yakhe u-Ahiya waseShilo, ngenxa yezono zikaJerobhowamu ayezenzile, onisa ngazo u-Israyeli, wachukuluza ngazo ulaka lukaSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli. Ezinye izindaba zikaNadabi, nakho konke akwenzayo, akulotshiwe yini encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli na? Kwakukhona ukulwa phakathi kuka-Asa noBhahasha, inkosi yakwa-Israyeli, zonke izinsuku zabo. Ngonyaka wesithathu wokubusa kuka-Asa, inkosi yakwaJuda, uBhahasha, indodana ka-Ahiya, waqala ukubusa u-Israyeli wonke eThirisa, wabusa iminyaka engama-24. Wenza okubi emehlweni kaSimakade, wahamba endleleni kaJerobhowamu nasesonweni sakhe onisa ngaso u-Israyeli.