1 AmaKhosi 15:1-34

1 AmaKhosi 15:1-34 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Ngonyaka we-18 wokubusa kwenkosi uJerobhowamu, indodana kaNebhathi, u-Abhiyamu waba yinkosi kwaJuda. Wabusa iminyaka emithathu eJerusalema. Igama likanina kwakunguMahakha, indodakazi ka-Absalomu. Wenza zonke izono ezazenziwe nguyise ngaphambi kwakhe. Inhliziyo yakhe yayingekho kuSimakade uNkulunkulu wakhe ngokupheleleyo njengenhliziyo kaDavide, ukhokho wakhe. Nokho ngenxa kaDavide, uSimakade uNkulunkulu wakhe wamnika isibani eJerusalema ngokuphakamisa indodana yakhe emva kwakhe, nangokuqinisa iJerusalema. Lokhu wakwenza ngokuba uDavide weyenze okulungile emehlweni kaSimakade; akaphambukanga kukho konke ayemyale ngakho zonke izinsuku zokuphila kwakhe, ngaphandle nje kodaba luka-Uriya, umHithi. Kwakukhona ukulwa phakathi kukaRehobhowamu noJerobhowamu zonke izinsuku zokuphila kwakhe. Ezinye izindaba zika-Abhiyamu nakho konke akwenzayo, kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwaJuda. Kwakukhona ukulwa phakathi kuka-Abhiyamu noJerobhowamu. U-Abhiyamu walaliswa kokhokho bakhe; bammbela kwabakubo emzini kaDavide; u-Asa, indodana yakhe, waba yinkosi esikhundleni sakhe. Ngonyaka wama-20 uJerobhowamu eyinkosi yakwa-Israyeli, u-Asa waba yinkosi yakwaJuda. Wabusa iminyaka engama-41 eJerusalema; igama likanina kwakunguMahakha, indodakazi ka-Absalomu. U-Asa wenza okulungile emehlweni kaSimakade njengoDavide, ukhokho wakhe. Waxosha izifebe zesilisa zethempeli ezweni, wasusa zonke izithombe ababezenzile okhokho bakhe. Wamehlisa uMahakha, unina, ekubeni yindlovukazi, ngokuba wayenzele u-Ashera isithombe esinengekayo. U-Asa wasinquma isithombe sakhe, wasishisa ngasemfudlaneni iKidroni. Kepha izindawo eziphakemeyo azisuswanga; nokho inhliziyo ka-Asa yayikuSimakade ngokupheleleyo zonke izinsuku zakhe. Wazingenisa endlini kaSimakade izinto ezingcwele zikayise nezakhe ezingcwele: isiliva, igolide, nezitsha. Kwakukhona ukulwa phakathi kuka-Asa noBhahasha, inkosi yakwa-Israyeli, zonke izinsuku zabo. UBhahasha, inkosi yakwa-Israyeli, wenyuka wayohlasela uJuda, wakha iRama, ukuze angavumeli muntu oya novela ku-Asa, inkosi yakwaJuda. U-Asa wathatha lonke isiliva negolide elalisele engcebeni yendlu kaSimakade nengcebo yesigodlo senkosi, wakunika izinceku zakhe, wayesezithumela kuBheni Hadadi, indodana kaThabhirimoni kaHeziyoni, inkosi yase-Aramu, owayehlala eDamaseku, wathi: “Kukhona isivumelwano phakathi kwami nawe naphakathi kukababa noyihlo. Ngithumela kuwe isipho sesiliva nesegolide; hamba waphule isivumelwano sakho noBhahasha, inkosi yakwa-Israyeli, ukuze ahlukane nami.” UBheni Hadadi wayilalela inkosi u-Asa, wathumela abakhuzi bempi yakhe ukuba bayohlasela imizi yakwa-Israyeli. Wanqoba i-Ijoni, iDani, i-Abhela Bhethi Mahakha, lonke iKhinerothi, nalo lonke izwe lakwaNafethali. Kwathi lapho uBhahasha ezwa lokho, wayeka ukwakha iRama, wahlala eThirisa. Inkosi u-Asa yase yenza isimemezelo kuwo wonke uJuda; akekho owayenokuzilandulela;, bawasusa amatshe ayeseRama nezingodo ezazilapho uBhahasha ayakhe ngakho. Inkosi u-Asa yakha ngalokho iGebha kwaBhenjamini neMizpha. Zonke ezinye izindaba zika-Asa, konke aphumelela kukho, konke akwenza, nemizi ayakhayo, akulotshiwe yini encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwaJuda na? Ngesikhathi esemdala wayenesifo sezinyawo. U-Asa walaliswa kokhokho bakhe, wambelwa nokhokho bakhe emzini kaDavide, ukhokho wakhe; uJehoshafathi, indodana yakhe, waba yinkosi esikhundleni sakhe. UNadabi, indodana kaJerobhowamu, waba yinkosi phezu kuka-Israyeli ngonyaka wesibili wokubusa kuka-Asa, inkosi yakwaJuda; wabusa kwa-Israyeli iminyaka emibili. Wenza okubi emehlweni kaSimakade, wahamba endleleni kayise nasesonweni sakhe onisa ngaso u-Israyeli. UBhahasha, indodana ka-Ahiya wendlu ka-Isakhare, wamenzela ugobe; wamnqoba eGibhethoni lamaFilisti, ngokuba uNadabi nawo wonke u-Israyeli babelivimbezele iGibhethoni. Ngonyaka wesithathu wokubusa kuka-Asa, inkosi yakwaJuda, uBhahasha wambulala, wabusa esikhundleni sakhe. Kwathi lapho eseyinkosi, wabulala bonke abendlu kaJerobhowamu; kamshiyelanga noyedwa ophilayo, wayiqothula nya, njengokusho kwezwi likaSimakade alisho ngomlomo wenceku yakhe u-Ahiya waseShilo, ngenxa yezono zikaJerobhowamu ayezenzile, onisa ngazo u-Israyeli, wachukuluza ngazo ulaka lukaSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli. Ezinye izindaba zikaNadabi, nakho konke akwenzayo, akulotshiwe yini encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli na? Kwakukhona ukulwa phakathi kuka-Asa noBhahasha, inkosi yakwa-Israyeli, zonke izinsuku zabo. Ngonyaka wesithathu wokubusa kuka-Asa, inkosi yakwaJuda, uBhahasha, indodana ka-Ahiya, waqala ukubusa u-Israyeli wonke eThirisa, wabusa iminyaka engama-24. Wenza okubi emehlweni kaSimakade, wahamba endleleni kaJerobhowamu nasesonweni sakhe onisa ngaso u-Israyeli.

1 AmaKhosi 15:1-34 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Ngomnyaka weshumi nesishiyagalombili wenkosi uJerobowamu indodana kaNebati u-Abiyamu waba yinkosi kwaJuda. Wabusa iminyaka emithathu eJerusalema; igama likanina lalinguMahakha, indodakazi ka-Abisalomu. Wahamba ezonweni zonke zikayise ayezenzile ngaphambi kwakhe; inhliziyo yakhe yayingekho kuNkulunkulu wakhe ngokupheleleyo njengenhliziyo kaDavide uyise. Nokho ngenxa kaDavide uJehova uNkulunkulu wakhe wamnika isibani eJerusalema ngokuvusa indodana yakhe emva kwakhe nokumisa iJerusalema, ngokuba uDavide wenza okulungile emehlweni kaJehova, kaphambukanga ngalutho amyala ngalo zonke izinsuku zokuhamba kwakhe, kuphela endabeni ka-Uriya umHeti. Kwakukhona ukulwa phakathi kukaRehobowamu noJerobowamu zonke izinsuku zokuhamba kwakhe. Ezinye izindaba zika-Abiyamu nakho konke akwenzayo angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwaJuda na? Kwakukhona ukulwa phakathi kuka-Abiyamu noJerobowamu. U-Abiyamu wayeselala koyise; bammbela emzini kaDavide; u-Asa indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe. Ngomnyaka wamashumi amabili kaJerobowamu, inkosi yakwa-Israyeli, u-Asa waqala ukubusa phezu kukaJuda. Wabusa iminyaka engamashumi amane nanye eJerusalema; igama likanina lalinguMahakha indodakazi ka-Abisalomu. U-Asa wenza okulungile emehlweni kaJehova njengoDavide uyise. Waxosha izifebe zethempeli ezweni, wasusa nezithombe ayezenzile uyise. Wamsusa uMahakha unina ebukhosikazini, ngokuba wayenzela u-Ashera* isithombe esinengekayo; u-Asa wanquma isithombe sakhe, wasishisa ngasemfudlaneni iKidroni. Kodwa izindawo eziphakemeyo azisuswanga; nokho inhliziyo ka-Asa yayikuJehova ngokupheleleyo zonke izinsuku zakhe. Wangenisa endlini kaJehova izinto ezingcwele zikayise nezinto zakhe ezingcwele: isiliva, negolide, nezitsha. Kwakukhona ukulwa phakathi kuka-Asa noBahasha inkosi yakwa-Israyeli zonke izinsuku zabo. UBahasha inkosi yakwa-Israyeli wenyuka ukuhlasela uJuda, wakha iRama, ukuze angavumeli muntu ukuphuma nokungena ku-Asa inkosi yakwaJuda. U-Asa wayesethatha lonke isiliva negolide elalisele engcebeni yendlu kaJehova nengcebo yendlu yenkosi, wakunikela ezandleni zezinceku zakhe; inkosi u-Asa yazithuma kuBeni Hadadi indodana kaTabirimoni kaHeziyoni, inkosi yase-Aramu, owayehlala eDamaseku, yathi: “Kukhona isivumelwano phakathi kwami nawe naphakathi kukababa noyihlo; bheka, ngithuma kuwe isipho sesiliva negolide; hamba waphule isivumelwano sakho noBahasha inkosi yakwa-Israyeli ukuba asuke kimi.” UBeni Hadadi wayilalela inkosi u-Asa, wathuma izinduna zempi yakhe ukuba zihlasele imizi yakwa-Israyeli, wanqoba i-Ijoni, neDani, ne-Abela Beti Mahakha, nalo lonke iKineroti, kanye nalo lonke izwe lakwaNafetali. Kwathi lapho uBahasha esekuzwile lokho, wayeka ukwakha iRama, wahlala eTirisa. Inkosi u-Asa yayisibiza wonke uJuda, akwababikho owayenokuzilandulela, basusa amatshe aseRama nemithi yalo uBahasha ayakhe ngakho; inkosi u-Asa yakha ngakho iGeba lakwaBenjamini neMispa. Zonke ezinye izindaba zika-Asa, nawo onke amandla akhe, nakho konke akwenzayo, nemizi ayakhayo, angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwaJuda na? Ngesikhathi sobudala bakhe wayenesifo ezinyaweni zakhe. Wayeselala u-Asa koyise, wembelwa koyise emzini kaDavide uyise; uJehoshafati indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe. UNadabi indodana kaJerobowamu waqala ukubusa phezu kuka-Israyeli ngomnyaka wesibili ka-Asa inkosi yakwaJuda, wabusa phezu kuka-Israyeli iminyaka emibili. Wenza okubi emehlweni kaJehova, wahamba endleleni kayise nasesonweni sakhe onisa ngaso u-Israyeli. UBahasha indodana ka-Ahiya wendlu ka-Isakare wamenzela ugobe; uBahasha wamnqoba eGibethoni elingelamaFilisti, ngokuba uNadabi naye wonke u-Israyeli babelivimbezela iGibethoni. Ngomnyaka wesithathu ka-Asa inkosi yakwaJuda uBahasha wambulala, wabusa esikhundleni sakhe. Kwathi eseyinkosi, wabulala yonke indlu kaJerobowamu, kashiyelanga uJerobowamu noyedwa ophefumulayo, waze wamqothula njengezwi uJehova alikhulumile ngesandla senceku yakhe u-Ahiya waseShilo, ngenxa yezono zikaJerobowamu ona ngazo, futhi onisa ngazo u-Israyeli, ngokucunula kwakhe acunula ngakho uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli. Ezinye izindaba zikaNadabi nakho konke akwenzayo angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli na? Kwakukhona ukulwa phakathi kuka-Asa noBahasha inkosi yakwa-Israyeli zonke izinsuku zabo. Ngomnyaka wesithathu ka-Asa inkosi yakwaJuda uBahasha indodana ka-Ahiya waqala ukubusa phezu kuka-Israyeli wonke eTirisa, wabusa iminyaka engamashumi amabili nane. Wenza okubi emehlweni kaJehova, wahamba endleleni kaJerobowamu nasesonweni sakhe onisa ngaso u-Israyeli.

1 AmaKhosi 15:1-34 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Ngomnyaka weshumi nesishiyagalombili wenkosi uJerobowamu indodana kaNebati u-Abiya waba yinkosi kwaJuda. Wabusa eJerusalema iminyaka emithathu. Igama likanina lalinguMaga, indodakazi ka-Abisalomu. Wahamba ezonweni zonke zikayise azenza ngaphambi kwakhe; inhliziyo yakhe yayingaphelele kuJehova uNkulunkulu wakhe njengenhliziyo kaDavide uyise. Kodwa ngenxa kaDavide uJehova uNkulunkulu wakhe wamnika isibani eJerusalema ukuze avuse indodana yakhe ngemva kwakhe futhi aqinise iJerusalema. Ngokuba uDavide wenza okulungile emehlweni kaJehova, akaphambukanga kukho konke amyale ngakho zonke izinsuku zokuhamba kwakhe, kuphela endabeni ka-Uriya umHeti. Kwakukhona ukulwa phakathi kukaRehobowamu noJerobowamu zonke izinsuku zokuhamba kwakhe. Ezinye izindaba zika-Abiya nakho konke akwenzayo angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwaJuda na? Kwakukhona ukulwa phakathi kuka-Abiya noJerobowamu. U-Abiya wayeselala koyise; bammbela emzini kaDavide; u-Asa indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe. Ngomnyaka wamashumi amabili kaJerobowamu inkosi yakwa-Israyeli, u-Asa waba yinkosi kwaJuda. Wabusa iminyaka engamashumi amane nanye eJerusalema. Igama likanina lalinguMaga, indodakazi ka-Abisalomu. U-Asa wenza okulungile emehlweni kaJehova njengoDavide uyise. Wabasusa abaseSodoma ezweni, wasusa zonke izithombe okhokho bakhe ababezenzile. Futhi nonina uMaga, naye wasusa ekubeni yindlovukazi, ngoba wenza isithombe esibaziweyo esihlahleni; u-Asa wachitha isithombe sakhe, wasishisa emfudlaneni iKidroni. Kodwa izindawo eziphakemeyo azizange zichezuke; kepha inhliziyo ka-Asa yayiphelele kuJehova zonke izinsuku zakhe. Waletha izipho uyise azingcwelisayo nazingcwelisa endlini kaJehova: isiliva negolide nezitsha. Kwakukhona ukulwa phakathi kuka-Asa noBahasha inkosi yakwa-Israyeli zonke izinsuku zabo. UBahasha, inkosi yakwa-Israyeli, wenyuka wamelana noJuda, wakha iRama, ukuze angavumeli muntu ukuba aphume noma angene ku-Asa, inkosi yakwaJuda. U-Asa wayesethatha lonke isiliva negolide elalisele engcebweni yendlu kaJehova nengcebo yendlu yenkosi, wakunika ezandleni zezinceku zakhe; inkosi u-Asa yayisithumela endodaneni kaBeni Hadadi. KaThabrimoni indodana kaHeziyoni, inkosi yase-Aramu, owahlala eDamaseku, wathi: Kukhona isivumelwano phakathi kwami nawe naphakathi kukababa noyihlo; bheka, ngikuthumele isipho sesiliva negolide; woza wephule isivumelwano sakho noBahasha, inkosi yakwa-Israyeli, ukuze asuke kimi. UBeni Hadadi wayilalela inkosi u-Asa, wathuma izinduna zempi ayenazo ukulwa nemizi yakwa-Israyeli, wachitha i-Ijoni, neDani, ne-Abela Beti Mahaga, nayo yonke iShineroti, nalo lonke izwe lakwaNafetali. Kwathi uBahasha ekuzwa lokho wayeka ukwakha iRama, wahlala eTirisa. Inkosi u-Asa yayisikhala kwaJuda wonke; basusa amatshe eRama nezingodo zayo uBahesha akha ngakho; inkosi u-Asa yakha ngazo iGeba lakwaBenjamini neMispa. Ezinye izindaba zika-Asa, nawo onke amandla akhe, nakho konke akwenzayo, nemizi ayakhayo, angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwaJuda na? Nokho, ngesikhathi sokuguga kwakhe wayegula izinyawo. U-Asa wayeselala koyise, wembelwa koyise emzini kaDavide uyise; uJehoshafati indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe. UNadabi, indodana kaJerobowamu, waba yinkosi phezu kuka-Israyeli ngomnyaka wesibili ka-Asa inkosi yakwaJuda, wabusa phezu kuka-Israyeli iminyaka emibili. Wenza okubi emehlweni kaJehova, wahamba ngendlela kayise nasesonweni sakhe onisa ngaso u-Israyeli. UBaesa, indodana ka-Ahiya, wendlu ka-Isakare, wamenzela ugobe; uBhahesha wamshaya eGibethoni yamaFilisti; ngoba uNadabi loIsrayeli wonke bavimbezela iGibethoni. Ngomnyaka wesithathu ka-Asa inkosi yakwaJuda uBhahesha wambulala, wabusa esikhundleni sakhe. Lapho eqala ukubusa, wachitha yonke indlu kaJerobowamu; akashiyanga noyedwa ophefumulayo kuJerobowamu, waze wamchitha njengezwi likaJehova alikhuluma ngenceku yakhe u-Ahiya waseShilo. Ngenxa yezono zikaJerobowamu azenzayo, onisa ngazo u-Israyeli, ngentukuthelo yakhe amthukuthelisa ngayo uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli. Ezinye izindaba zikaNadabi nakho konke akwenzayo angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli na? Kwakukhona ukulwa phakathi kuka-Asa noBahasha inkosi yakwa-Israyeli zonke izinsuku zabo. Ngomnyaka wesithathu ka-Asa inkosi yakwaJuda uBahasha indodana ka-Ahiya waba yinkosi phezu kuka-Israyeli wonke eTirisa, iminyaka engamashumi amabili nane. Wenza okubi emehlweni kaJehova, wahamba ngendlela kaJerobowamu nasesonweni sakhe onisa ngaso u-Israyeli.