1 AMakhosi 14:1-31

1 AMakhosi 14:1-31 ZUL20

Ngaleso sikhathi u-Abhiya, indodana kaJerobhowamu, wagula. UJerobhowamu wathi kumkakhe: “Ake usukume, uzifihle, ukuze ungabonakali ukuthi ungumkami; hamba uye eShilo; lapho kunomphrofethi u-Ahiya owangitshela ukuthi ngizokuba yinkosi phezu kwalaba bantu. Phatha ngesandla izinkwa ezilishumi, imiqathane nophiso lwezinyosi, uye nakho kuye. Uyakukutshela ukuthi kuzokwenzekani kumntwana.” UmkaJerobhowamu wenza kanjalo. Wasuka waya eShilo, waze wayofika endlini ka-Ahiya. U-Ahiya akabonanga ngoba amehlo akhe ayesefiphazekile, engasabonisisi kahle, ngokuba wayesemdala. USimakade wayeshilo ku-Ahiya, wathi: “UmkaJerobhowamu uyeza kuwe ukuzothola izwi mayelana nendodana yakhe egulayo. Uyokhuluma kuye kanje nakanje, ngoba uyofika azishaye omunye umuntu.” Kwathi lapho u-Ahiya ezwa izigi zezinyawo zakhe engena emnyango, wathi: “Ngena mkaJerobhowamu; uzishayelani sengathi ungomunye umuntu? Mina ngithunywe kuwe udaba olulukhuni. Usho kanje uSimakade uNkukulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Hamba utshele uJerobhowamu ukuthi: ngakuphakamisa phakathi kwabantu ngakubeka waba yinkosi phezu kwabantu bami, u-Israyeli, ngahlukanisa umbuso endlini kaDavide, ngawunika wena, kodwa awubanga njengenceku yami uDavide, owagcina imiyalo yami, wangilandela ngayo yonke inhliziyo yakhe, wenza okulungile emehlweni ami. Kunalokho wenze okubi ukwedlula bonke abakwendulela; uhambile wayozenzela onkulunkulu, nezinye izithombe ezibunjiweyo, wavusa ulaka lwami, wangitshinga nyovane. Ngakho-ke ngizokwehlisela indlu kaJerobhowamu okubi, ngibhubhise kuJerobhowamu bonke abesilisa kwa-Israyeli, abancane nabadala; indlu kaJerobhowamu ngiyikhukhulise okobulongwe, ize iphele nya. Owomndeni kaJerobhowamu ofela emzini, uyodliwa yizinja, lowo ofela endle, adliwe yizinyoni zezulu, ngokuba uSimakade ukhulumile.’ “Ngakho-ke suka uye endlini yakho; uyothi lapho unyathela nje ngezinyawo zakho emzini, umntwana afe. U-Israyeli wonke uyomlilela, ammbele, ngokuba nguye kuphela owomndeni kaJerobhowamu oyongcwatshwa ethuneni, lokhu uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli efumene okuhle kuye, endlini kaJerobhowamu. “USimakade uyakuzivusela inkosi phezu kuka-Israyeli eyakubhubhisa indlu kaJerobhowamu ngalolo lusuku, namanje. USimakade uyakumshaya u-Israyeli njengomhlanga untengantenga emanzini, amsiphule kuleli lizwe elihle alinika okhokho bakhe, abahlakazele phesheya komfula, ngoba benzele o-Ashera babo izingongolo, bamthukuthelisa uSimakade. Uyakumlahla u-Israyeli ngenxa yezono zikaJerobhowamu one ngazo, futhi wonisa ngazo u-Israyeli.” UmkaJerobhowamu wasuka wahamba waze wayofika eThirisa, kuthe lapho engasembundwini wendlu, umntwana wafa. U-Israyeli wonke wamngcwaba, wamlilela njengokuba uSimakade eshilo ngomlomo wenceku yakhe, u-Ahiya umphrofethi. Ezinye izindaba zikaJerobhowamu, ukuthi walwa kanjani nokuthi wabusa kanjani, zilotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli. Isikhathi sokubusa kukaJerobhowamu kwaba yiminyaka engama-22; wayesekhothama, walaliswa kokhokho bakhe, kwase kubusa uNadabi, indodana yakhe, esikhundleni sakhe. URehobhowamu, indodana kaSolomoni, wabusa kwaJuda. URehobhowamu wayeneminyaka engama-40 eqala ukubusa. Wabusa iminyaka eli-17 eJerusalema, umuzi uSimakade ayewukhethe phakathi kwazo zonke izizwana zakwa-Israyeli, ukuba abeke kuwo iGama lakhe. Igama likanina kwakunguNahama, wakwa-Amoni. UJuda wenza okubi phambi kukaSimakade, wamenza waba nesikhwele ngaphezu kwakho konke okwakwenziwe ngokhokho babo, ngezono ababezenzile. Nabo bazakhela izindawo eziphakemeyo, izinsika, no-Ashera emagqumeni wonke aphakemeyo naphansi kwemithi yonke eluhlaza. Kwaba khona nezifebe zesilisa zethempeli kulelo lizwe, abantu benza okufana nakho konke okunengisayo kwabezizwe, uSimakade abaxosha phambi kwabakwa-Israyeli. Kwathi ngonyaka wesihlanu wokubusa kwenkosi uRehobhowamu, kwenyuka uShishaki, inkosi yaseGibhithe, wazolwa neJerusalema. UShishaki wadla ingcebo yendlu kaSimakade nengcebo yesigodlo senkosi, washaqa konke, ngisho nezihlangu zonke zegolide ezazenziwe nguSolomoni. Inkosi uRehobhowamu yenza izihlangu zethusi esikhundleni sazo, yazinika izinduna zabaqaphi ababeqapha umnyango wenkosi. Kwakuthi njalo uma inkosi ingena endlini kaSimakade, izigijimi zizithwale, zizibuyisele ekamelweni labaqaphi. Ezinye izindaba zikaRehobhowamu, nakho konke akwenzayo, akulotshiwe yini encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli na? Kwakukhona ukulwa njalo phakathi kukaRehobhowamu noJerobhowamu. URehobhowamu walaliswa nokhokho bakhe, wembelwa emzini kaDavide. Igama likanina kwakunguNahama wakwa-Amoni. U-Abhiyamu, indodana yakhe, waba yinkosi esikhundleni sakhe.