1 AmaKhosi 14:1-31

1 AmaKhosi 14:1-31 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Ngaleso sikhathi u-Abhiya, indodana kaJerobhowamu, wagula. UJerobhowamu wathi kumkakhe: “Ake usukume, uzifihle, ukuze ungabonakali ukuthi ungumkami; hamba uye eShilo; lapho kunomphrofethi u-Ahiya owangitshela ukuthi ngizokuba yinkosi phezu kwalaba bantu. Phatha ngesandla izinkwa ezilishumi, imiqathane nophiso lwezinyosi, uye nakho kuye. Uyakukutshela ukuthi kuzokwenzekani kumntwana.” UmkaJerobhowamu wenza kanjalo. Wasuka waya eShilo, waze wayofika endlini ka-Ahiya. U-Ahiya akabonanga ngoba amehlo akhe ayesefiphazekile, engasabonisisi kahle, ngokuba wayesemdala. USimakade wayeshilo ku-Ahiya, wathi: “UmkaJerobhowamu uyeza kuwe ukuzothola izwi mayelana nendodana yakhe egulayo. Uyokhuluma kuye kanje nakanje, ngoba uyofika azishaye omunye umuntu.” Kwathi lapho u-Ahiya ezwa izigi zezinyawo zakhe engena emnyango, wathi: “Ngena mkaJerobhowamu; uzishayelani sengathi ungomunye umuntu? Mina ngithunywe kuwe udaba olulukhuni. Usho kanje uSimakade uNkukulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Hamba utshele uJerobhowamu ukuthi: ngakuphakamisa phakathi kwabantu ngakubeka waba yinkosi phezu kwabantu bami, u-Israyeli, ngahlukanisa umbuso endlini kaDavide, ngawunika wena, kodwa awubanga njengenceku yami uDavide, owagcina imiyalo yami, wangilandela ngayo yonke inhliziyo yakhe, wenza okulungile emehlweni ami. Kunalokho wenze okubi ukwedlula bonke abakwendulela; uhambile wayozenzela onkulunkulu, nezinye izithombe ezibunjiweyo, wavusa ulaka lwami, wangitshinga nyovane. Ngakho-ke ngizokwehlisela indlu kaJerobhowamu okubi, ngibhubhise kuJerobhowamu bonke abesilisa kwa-Israyeli, abancane nabadala; indlu kaJerobhowamu ngiyikhukhulise okobulongwe, ize iphele nya. Owomndeni kaJerobhowamu ofela emzini, uyodliwa yizinja, lowo ofela endle, adliwe yizinyoni zezulu, ngokuba uSimakade ukhulumile.’ “Ngakho-ke suka uye endlini yakho; uyothi lapho unyathela nje ngezinyawo zakho emzini, umntwana afe. U-Israyeli wonke uyomlilela, ammbele, ngokuba nguye kuphela owomndeni kaJerobhowamu oyongcwatshwa ethuneni, lokhu uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli efumene okuhle kuye, endlini kaJerobhowamu. “USimakade uyakuzivusela inkosi phezu kuka-Israyeli eyakubhubhisa indlu kaJerobhowamu ngalolo lusuku, namanje. USimakade uyakumshaya u-Israyeli njengomhlanga untengantenga emanzini, amsiphule kuleli lizwe elihle alinika okhokho bakhe, abahlakazele phesheya komfula, ngoba benzele o-Ashera babo izingongolo, bamthukuthelisa uSimakade. Uyakumlahla u-Israyeli ngenxa yezono zikaJerobhowamu one ngazo, futhi wonisa ngazo u-Israyeli.” UmkaJerobhowamu wasuka wahamba waze wayofika eThirisa, kuthe lapho engasembundwini wendlu, umntwana wafa. U-Israyeli wonke wamngcwaba, wamlilela njengokuba uSimakade eshilo ngomlomo wenceku yakhe, u-Ahiya umphrofethi. Ezinye izindaba zikaJerobhowamu, ukuthi walwa kanjani nokuthi wabusa kanjani, zilotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli. Isikhathi sokubusa kukaJerobhowamu kwaba yiminyaka engama-22; wayesekhothama, walaliswa kokhokho bakhe, kwase kubusa uNadabi, indodana yakhe, esikhundleni sakhe. URehobhowamu, indodana kaSolomoni, wabusa kwaJuda. URehobhowamu wayeneminyaka engama-40 eqala ukubusa. Wabusa iminyaka eli-17 eJerusalema, umuzi uSimakade ayewukhethe phakathi kwazo zonke izizwana zakwa-Israyeli, ukuba abeke kuwo iGama lakhe. Igama likanina kwakunguNahama, wakwa-Amoni. UJuda wenza okubi phambi kukaSimakade, wamenza waba nesikhwele ngaphezu kwakho konke okwakwenziwe ngokhokho babo, ngezono ababezenzile. Nabo bazakhela izindawo eziphakemeyo, izinsika, no-Ashera emagqumeni wonke aphakemeyo naphansi kwemithi yonke eluhlaza. Kwaba khona nezifebe zesilisa zethempeli kulelo lizwe, abantu benza okufana nakho konke okunengisayo kwabezizwe, uSimakade abaxosha phambi kwabakwa-Israyeli. Kwathi ngonyaka wesihlanu wokubusa kwenkosi uRehobhowamu, kwenyuka uShishaki, inkosi yaseGibhithe, wazolwa neJerusalema. UShishaki wadla ingcebo yendlu kaSimakade nengcebo yesigodlo senkosi, washaqa konke, ngisho nezihlangu zonke zegolide ezazenziwe nguSolomoni. Inkosi uRehobhowamu yenza izihlangu zethusi esikhundleni sazo, yazinika izinduna zabaqaphi ababeqapha umnyango wenkosi. Kwakuthi njalo uma inkosi ingena endlini kaSimakade, izigijimi zizithwale, zizibuyisele ekamelweni labaqaphi. Ezinye izindaba zikaRehobhowamu, nakho konke akwenzayo, akulotshiwe yini encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli na? Kwakukhona ukulwa njalo phakathi kukaRehobhowamu noJerobhowamu. URehobhowamu walaliswa nokhokho bakhe, wembelwa emzini kaDavide. Igama likanina kwakunguNahama wakwa-Amoni. U-Abhiyamu, indodana yakhe, waba yinkosi esikhundleni sakhe.

1 AmaKhosi 14:1-31 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Ngaleso sikhathi u-Abiya indodana kaJerobowamu wagula. UJerobowamu wayesethi kumkakhe: “Sukuma, uzifihle, ukuze ungazi ukuthi ungumkaJerobowamu; waya eShilo; bheka, nangu umprofethi u-Ahíya owangitshela ukuthi kufanele ngibe yinkosi phezu kwalaba bantu. Thatha kanye nawe izinkwa eziyishumi, namaqebelengwane, nembiza yoju, uye kuye; uzokutshela okuzokwenzeka ngomntwana. UmkaJerobowamu wenze njalo, wasuka, waya eShilo, wafika endlini ka-Ahiya; Kodwa u-Ahiya wayengaboni; ngoba amehlo akhe ayebomvu ngenxa yobudala bakhe. UJehova wayesethi ku-Ahiya: “Bheka, umkaJerobowamu uyeza ukuzocela kuwe ngendodana yakhe; ngoba uyagula; ngakho-ke kufanele umtshele: ngoba uma engena, uzozenza omunye umfazi. Lapho u-Ahiya esizwa izisinde zezinyawo zakhe lapho engena emnyango, wathi: “Ngena, mkaJerobowamu! kungani uzenza omunye umuntu? ngoba ngithunywe kini umbiko onzima. Hamba, uthi kuJerobowamu: Isho kanje iNkosi uJehova, uNkulunkulu ka-Israyeli, ithi: Ngokuba ngikuphakamisile phakathi kwabantu, ngakubeka umbusi phezu kwabantu bami u-Israyeli, Uklebhule umbuso endlini kaDavide, uwunike wena; nokho wawungenjengenceku yami uDavide, owagcina imiyalo yami, owangilandela ngenhliziyo yakhe yonke ukuba enze okulungile kimi kuphela amehlo; Kepha wena wenze okubi kakhulu kunakho konke okwakungaphambi kwakho, ngokuba uhambile, wazenzela abanye onkulunkulu nezithombe ezibunjiweyo ukuba udlale ngami, wangilahla emva kwakho. Ngakho-ke, bheka, ngiyokwehlisela ububi phezu kwendlu kaJerobowamu, futhi ngiyonquma kuJerobowamu olwa nogange, novalelweyo nosele kwa-Israyeli, ngisuse insali yendlu ka-Israyeli. UJerobowamu, njengomuntu osusa umquba uze uphele. Bonke bakwaJerobowamu abafela emzini, izinja ziyakudliwa; ofela endle uyakudla izinyoni zezulu, ngokuba uJehova ukukhulumile. Khona-ke sukuma, uye endlini yakho; uma izinyawo zakho zingena emzini, umntwana uyakufa. Wonke u-Israyeli uyakumlilela, amngcwabe, ngokuba nguye yedwa wakwaJerobowamu oyakungena ethuneni, ngokuba kwafunyanwa kuye okuhle kuJehova uNkulunkulu ka-Israyeli endlini kaJerobowamu. Futhi uJehova uyakumvusela inkosi kwa-Israyeli eyakuchitha indlu kaJerobowamu ngalolo suku; kodwa yini? ngisho namanje. Ngokuba uJehova uyakumshaya u-Israyeli njengokunyakaziswa kohlanga emanzini, anqume u-Israyeli kuleli zwe elihle alinika oyise, abahlakazele ngaphesheya koMfula, ngokuba bazenzele izihlahla ezingcwele, oklolodela uJehova. Iyakukhulula u-Israyeli ngenxa yezono zikaJerobowamu ona ngazo, onisa ngazo u-Israyeli; UmkaJerobowamu wayesesuka, wahamba, wafika eTirisa; lapho efika embundwini womnyango, umntwana wafa; Basebemngcwaba; wonke u-Israyeli wamlilela njengezwi likaJehova alikhuluma ngesandla senceku yakhe u-Ahiya umprofethi. Ezinye izindaba zikaJerobowamu, ukuthi walwa kanjani nokuthi wabusa kanjani, bheka, kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli. Izinsuku zokubusa kukaJerobowamu zaziyiminyaka engamashumi amabili nambili; walala koyise, uNadabi indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe. URehobowamu indodana kaSolomoni wabusa kwaJuda. URehobowamu wayeneminyaka engamashumi amane nanye ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka eyishumi nesikhombisa eJerusalema, umuzi uJehova awukhethile ezizweni zonke zakwa-Israyeli ukuba amise khona igama lakhe. Igama likanina lalinguNahama wakwa-Amoni. UJuda wenza okubi emehlweni kaJehova, bamvusela umhawu ngezono zabo abazenzayo ngaphezu kwakho konke ababekwenzile oyise. Bazakhela nabo izindawo eziphakemeyo, nezithombe, neziqu zemithi phezu kwawo wonke amagquma aphakeme naphansi kwayo yonke imithi eluhlaza. Kwakukhona nabaseSodoma ezweni, benza njengazo zonke izinengiso zezizwe uJehova azixosha phambi kwabantwana bakwa-Israyeli. Kwathi ngomnyaka wesihlanu wenkosi uRehobowamu, uShishaki, inkosi yaseGibithe, wenyukela eJerusalema. Wathatha ingcebo yendlu kaJehova nengcebo yendlu yenkosi; wathatha konke, wathatha zonke izihlangu zegolide uSolomoni ayezenzile. Inkosi uRehobowamu yenza izihlangu zethusi esikhundleni sazo, yazinikela esandleni senduna yemilindankosi, umlindi womnyango wendlu yenkosi. Kwathi inkosi ingena endlini kaJehova, abalindi bazithwala, bazibuyisela ekamelweni labalindi. Ezinye izindaba zikaRehobowamu nakho konke akwenzayo angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwaJuda na? Kwakukhona ukulwa phakathi kukaRehobowamu noJerobowamu zonke izinsuku zabo. URehobowamu wayeselala koyise, wembelwa koyise emzini kaDavide. Igama likanina lalinguNahama nabantwana bakwa-Amoni. U-Abhiya indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.

1 AmaKhosi 14:1-31 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Ngaleso sikhathi u-Abiya indodana kaJerobowamu wagula. UJerobowamu wathi kumkakhe: “Ake usuke uzifihle, ukuze kungaziwa ukuthi wena ungumkaJerobowamu, uye eShilo; bheka, u-Ahiya umprofethi ulapho, yena owakhuluma ngami ukuthi ngiyakuba yinkosi phezu kwalaba bantu. Uphathe ngesandla sakho izinkwa eziyishumi, nemiqathane, nophiso lwezinyosi, uye kuye; uyakukutshela ukuthi kuzakuba njani kumntwana.” UmkaJerobowamu wenze njalo; wasuka, waya eShilo, wafika endlini ka-Ahiya. U-Ahiya wayengenakubona, ngokuba amehlo akhe ayequndekile ngenxa yobudala bakhe. UJehova wayeshilo ku-Ahiya, ethi: “Bheka, umkaJerobowamu uyeza ukubuza kuwe ngendodana yakhe, ngokuba iyagula; womphendula ngokuthi nangokuthi, ngokuba kuyakuthi ekungeneni kwakhe azishaye omunye umuntu.” Kwathi lapho u-Ahiya ezwa izigqi zezinyawo zakhe ekungeneni kwakhe emnyango, wathi: “Ngena, mkaJerobowamu; uzishayelani omunye; mina ngithunyiwe kuwe nginendaba elukhuni. Hamba umtshele uJerobowamu ukuthi: ‘UJehova uNkulunkulu ka-Israyeli usho kanje, uthi: Njengokuba ngakuphakamisa phakathi kwabantu, ngakubeka ube ngumbusi wabantu bami u-Israyeli, ngawuhlwitha umbuso endlini kaDavide, ngawunika wena, kepha awubanga njengenceku yami uDavide owagcina imiyalo yami nowangilandela ngayo yonke inhliziyo yakhe ukwenza okulungile emehlweni ami kuphela, kodwa wenzile okubi kunabo bonke ababe phambi kwakho, wahamba wazenzela abanye onkulunkulu nezithombe ezibunjiweyo ukungivusa ukuba ngithukuthele, wangilahla nyovane, bheka, ngalokho ngiyakwehlisela indlu kaJerobowamu okubi, nginqume kuJerobowamu wonke umlisa, omncane nomkhulu kwa-Israyeli, ngikhukhule indlu kaJerobowamu njengokukhukhulwa komquba, uze uphele. Yena wakwaJerobowamu ofela emzini uyakudliwa yizinja, nofela endle uyakudliwa yizinyoni zezulu, ngokuba uJehova ukukhulumile.’ “Ngalokho suka uye endlini yakho; ekungeneni kwezinyawo zakho emzini uyakufa umntwana. Wonke u-Israyeli uyakumlilela, ammbele, ngokuba nguyena yedwa wakwaJerobowamu oyakuya ethuneni, lokhu kufunyanwa kuye okuhle kuJehova uNkulunkulu ka-Israyeli endlini kaJerobowamu. “Futhi uJehova uyakuzivusela inkosi phezu kuka-Israyeli eyakunquma indlu kaJerobowamu ngalolo suku. Kepha ngithini? Yebo, namanje. Ngokuba uJehova uyakushaya u-Israyeli njengohlanga oluzanyazanyiswa emanzini, asiphule u-Israyeli kuleli zwe elihle alinika oyise, abahlakazele ngaphesheya koMfula,* lokhu benzile o-Ashera* babo, bathukuthelisa uJehova. Uyakulahla u-Israyeli ngenxa yezono zikaJerobowamu one ngazo, futhi onisa ngazo u-Israyeli.” UmkaJerobowamu wayesesuka wahamba, wafika eTirisa; esefike embundwini wendlu, umntwana wafa. Wonke u-Israyeli wammbela, wamlilela njengezwi likaJehova alikhulumayo ngesandla senceku yakhe u-Ahiya umprofethi. Ezinye izindaba zikaJerobowamu, ukuthi walwa kanjani nokuthi wabusa kanjani, bheka, zilotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli. Izinsuku zokubusa kukaJerobowamu zaziyiminyaka engamashumi amabili nambili; wayeselala koyise; uNadabi indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe. URehobowamu indodana kaSolomoni wabusa kwaJuda. URehobowamu wayeneminyaka engamashumi amane nanye ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka eyishumi nesikhombisa eJerusalema, umuzi awukhethileyo uJehova ezizweni zonke zakwa-Israyeli ukuba abeke khona igama lakhe; igama likanina lalinguNahama wabakwa-Amoni. UJuda wenza okubi emehlweni kaJehova, bamvusela umhawu naphezu kwakho konke ababekwenzile oyise ngezono zabo abazenzayo. Nabo bazakhela izindawo eziphakemeyo, nezinsika, nawo-Ashera* emagqumeni onke aphakemeyo naphansi kwemithi yonke eluhlaza. Kwakukhona nezifebe zethempeli kulelo zwe; benza njengazo zonke izinengiso zabezizwe uJehova abaxosha phambi kwabantwana bakwa-Israyeli. Kwathi ngomnyaka wesihlanu wenkosi uRehobowamu, uShishaki inkosi yaseGibithe wenyukela eJerusalema. Wathatha ingcebo yendlu kaJehova nengcebo yendlu yenkosi, yebo, wathatha konke, wathatha zonke izihlangu zegolide ezenziwe nguSolomoni. Inkosi uRehobowamu yenza izihlangu zethusi esikhundleni sazo, yazinikela ezandleni zezinduna zabalindi abagcina umnyango wendlu yenkosi. Kwathi njalo uma inkosi ingena endlini kaJehova, izigijimi zazithwala, zazibuyisela ekamelweni labalindi. Ezinye izindaba zikaRehobowamu nakho konke akwenzayo angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli na? Kwakukhona njalo ukulwa phakathi kukaRehobowamu noJerobowamu. URehobowamu wayeselala koyise, wembelwa koyise emzini kaDavide; igama likanina lalinguNahama wabakwa-Amoni. U-Abiyamu indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.