1 AMakhosi 11:1-13

1 AMakhosi 11:1-13 ZUL20

Inkosi uSolomoni yathanda abesifazane bezizwe abaningi nendodakazi kaFaro, abesifazane bakwaMowabi, bakwa-Amoni, bakwa-Edomi, bamaSidoni nabamaHithi. Babevela ezizweni ayeshilo ngazo uSimakade kubantu bakwa-Israyeli, wathi: “Ningahambi phakathi kwabo, nabo bangahambi phakathi kwenu, ngokuba bayakuziphambukisa impela izinhliziyo zenu, bese zilandela onkulunkulu babo.” Kepha uSolomoni wanamathela kubo, wabathanda. USolomoni wayenabafazi abangamadodakazi amakhosi abangama-700, nezancinza ezingama-300. Amakhosikazi akhe ayiphambukisa inhliziyo yakhe. Kuthe esemdala uSolomoni, bayiphambukisa omkakhe inhliziyo yakhe walandela abanye onkulunkulu; inhliziyo yakhe ayibange isanamathela kuSimakade uNkulunkulu wakhe ngokupheleleyo njengenhliziyo kayise uDavide. USolomoni walandela u-Ashitharothi, unkulunkulukazi wamaSidoni noMilikhomu, isinengiso sabakwa-Amoni. USolomoni wenza okubi phambi kukaSimakade; akamlandelanga uSimakade ngokupheleleyo njengoyise uDavide. USolomoni wakhela uKhemoshi isinengiso sabakwaMowabi, noMolokhi isinengiso sabakwa-Amoni indawo ephakemeyo entabeni eyayiphambi kweJerusalema. Wawenzela kanjalo wonke amakhosikazi akhe ezizwe ayeshisa impepho, ahlabele onkulunkulu bawo. USimakade wamthukuthelela uSolomoni, ngokuba inhliziyo yakhe yayisiphambukile kuSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli owayebonakale kabili kuye, wamyala ngalokho ukuthi angalokothi alandele abanye onkulunkulu, nokho akazange akugcine lokho uSimakade ayemyale ngakho. USimakade wathi kuSolomoni: “Njengoba wena wenze lokhu, awaze wasigcina isivumelwano sami nezimiso zami engakuyala ngakho, umbuso ngizowuhlwitha nokuwuhlwitha kuwe, bese ngiwunika inceku yakho. Kepha lokhu angiyukukwenza emihleni yakho ngenxa kaDavide, uyihlo, kodwa ngizowuhlwitha esandleni sendodana yakho. Nokho angiyukuwuhlwitha wonke umbuso kuyo, kodwa ngiyoyinika indodana yakho isizwe sibe sinye ngenxa kaDavide, inceku yami, nangenxa yeJerusalema engilikhethileyo.”

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo