1 KaJohane 5:11-19

1 KaJohane 5:11-19 ZUL20

Yilobu ubufakazi ukuthi uNkulunkulu usiphile ukuphila okuphakade, nalokhu kuphila kuseNdodaneni yakhe. Onayo iNdodana unokuphila; ongenayo iNdodana kaNkulunkulu akanakho ukuphila. Nginilobele lokho ukuze nazi ukuthi ninokuphila okuphakade, nina enikholwa egameni leNdodana kaNkulunkulu. Yilesi isibindi esinaso kuye sokuthi uma sicela utho ngokwentando yakhe, uyasizwa. Uma sazi ukuthi uyasizwa noma sicelani, siyazi ukuthi sinakho esikucelileyo, esikucele kuye. Uma umuntu ebona umzalwane wakhe enza isono okungeyiso esibhubhisayo, lo ombonileyo makamcelele kuNkulunkulu ukuphila lokhu akunika labo abasuke benze isono okungesona esibhubhisayo. Konke ukungalungi kuyisono, kodwa kukhona isono esingesiso esokufa. Siyazi ukuthi yilowo nalowo ozelwe nguNkulunkulu akoni, ngokuba ozelwe nguNkulunkulu uyazigcina, nomubi akamthinti. Siyazazi ukuthi thina singabakaNkulunkulu, nokuthi umhlaba wonke ubuswa ngamandla obubi.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne 1 KaJohane 5:11-19