1 kaJohane 5:11-19
1 kaJohane 5:11-19 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Yilobu ubufakazi ukuthi uNkulunkulu usiphile ukuphila okuphakade, nalokhu kuphila kuseNdodaneni yakhe. Onayo iNdodana unokuphila; ongenayo iNdodana kaNkulunkulu akanakho ukuphila. Nginilobele lokho ukuze nazi ukuthi ninokuphila okuphakade, nina enikholwa egameni leNdodana kaNkulunkulu. Yilesi isibindi esinaso kuye sokuthi uma sicela utho ngokwentando yakhe, uyasizwa. Uma sazi ukuthi uyasizwa noma sicelani, siyazi ukuthi sinakho esikucelileyo, esikucele kuye. Uma umuntu ebona umzalwane wakhe enza isono okungeyiso esibhubhisayo, lo ombonileyo makamcelele kuNkulunkulu ukuphila lokhu akunika labo abasuke benze isono okungesona esibhubhisayo. Konke ukungalungi kuyisono, kodwa kukhona isono esingesiso esokufa. Siyazi ukuthi yilowo nalowo ozelwe nguNkulunkulu akoni, ngokuba ozelwe nguNkulunkulu uyazigcina, nomubi akamthinti. Siyazazi ukuthi thina singabakaNkulunkulu, nokuthi umhlaba wonke ubuswa ngamandla obubi.
1 kaJohane 5:11-19 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Yilobu ubufakazi ukuthi uNkulunkulu usiphile ukuphila okuphakade, nalokhu kuphila kuseNdodaneni yakhe. Onayo iNdodana unokuphila; ongenayo iNdodana kaNkulunkulu akanakho ukuphila. Nginilobele lokho, ukuze nazi ukuthi ninokuphila okuphakade nina enikholwa egameni leNdodana kaNkulunkulu. Yilesi sibindi esinaso kuye sokuthi, uma sicela utho ngokwentando yakhe, uyasizwa. Uma sazi ukuthi uyasizwa noma sicelani, siyazi ukuthi sinakho esikucelileyo, esikucele kuye. Uma umuntu ebona umzalwane wakhe ona ngesono esingesiso esokufa, makacele, uyakumnika ukuphila, ekunika labo abenza isono esingesiso esokufa. Sikhona isono sokufa; angisho ukuba kucelwe ngaleso. Konke ukungalungi kuyisono; kukhona isono esingesiso esokufa. Siyazi ukuthi yilowo nalowo ozelwe nguNkulunkulu akoni, ngokuba ozelwe nguNkulunkulu uyazigcina, nomubi akamthinti. Siyazi ukuthi singabakaNkulunkulu nokuthi izwe lonke limi ebubini.
1 kaJohane 5:11-19 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Yilobu ubufakazi ukuthi uNkulunkulu usiphile ukuphila okuphakade, nalokhu kuphila kuseNdodaneni yakhe. Onayo iNdodana unokuphila; nongenayo iNdodana kaNkulunkulu akanakho ukuphila. Lezi zinto nginilobele nina enikholwa egameni leNdodana kaNkulunkulu; ukuze nazi ukuthi ninokuphila okuphakade, nikholwe egameni leNdodana kaNkulunkulu. Yilokhu ukuqiniseka esinakho kuye, ukuthi, uma sicela utho ngokwentando yakhe, uyasizwa; Uma sazi ukuthi uyasizwa, noma yini esiyicelayo, siyazi ukuthi sinazo izicelo esizicelile kuye. Uma umuntu ebona umzalwane wakhe ona ngesono esingesiso esokufa, makacele, uyakumnika ukuphila, kulabo abenza isono esingesiso esokufa. Kukhona isono sokufa; angisho ukuthi uyakusithandazela. Konke ukungalungi kuyisono, futhi kukhona isono esingesiso esokufa. Siyazi ukuthi yilowo nalowo ozelwe nguNkulunkulu akoni; kepha ozelwe nguNkulunkulu uyazigcina, omubi akamthinti. Siyazi ukuthi singabakaNkulunkulu nokuthi umhlaba wonke ulele ebubini.
1 kaJohane 5:11-19 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)