1 KaJohane 3:16-20

1 KaJohane 3:16-20 ZUL20

Uthando silwazi ngalokhu ukuthi Yena wakudela ukuphila kwakhe ngenxa yethu. Kanjalo nathi sifanele ukudela ukuphila kwethu ngenxa yabazalwane. Kepha uma umuntu enengcebo yezwe, bese ebona umzalwane wakhe eswele, angamenzeli sihawu, uthando lukaNkulunkulu lungahlala kanjani kuye na? Bantwanyana, masingathandi ngezwi nangokukhuluma nje, kodwa makubonakale ngezenzo nangeqiniso. Ngalokho siyazi ukuthi singabeqiniso; inhliziyo yethu iyakuba neqholo phambi kwakhe. Ngokuba uma inhliziyo yethu isilahla, uNkulunkulu mkhulu kunayo, futhi Yena uyakwazi konke.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne 1 KaJohane 3:16-20