1 kaJohane 3:16-20
1 kaJohane 3:16-20 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Ngalokho silwazile uthando, ngokuba yena wasibekela phansi ukuphila kwakhe; nathi sifanele ukubeka ukuphila ngenxa yabazalwane. Kepha onezinto zaleli zwe, bese ebona umzalwane wakhe eswele, amvalele ububele bakhe kuye, uthando lukaNkulunkulu luhlala kanjani kuye na? Bantwanyana bami, masingathandi ngezwi noma ngolimi; kodwa ngesenzo langeqiniso. Ngalokho siyazi ukuthi singabeqiniso, futhi siyakuqinisekisa izinhliziyo zethu phambi kwakhe. Ngokuba uma inhliziyo yethu isilahla, uNkulunkulu mkhulu kunenhliziyo yethu, futhi wazi zonke.
1 kaJohane 3:16-20 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Uthando silwazi ngalokhu ukuthi Yena wakudela ukuphila kwakhe ngenxa yethu. Kanjalo nathi sifanele ukudela ukuphila kwethu ngenxa yabazalwane. Kepha uma umuntu enengcebo yezwe, bese ebona umzalwane wakhe eswele, angamenzeli sihawu, uthando lukaNkulunkulu lungahlala kanjani kuye na? Bantwanyana, masingathandi ngezwi nangokukhuluma nje, kodwa makubonakale ngezenzo nangeqiniso. Ngalokho siyazi ukuthi singabeqiniso; inhliziyo yethu iyakuba neqholo phambi kwakhe. Ngokuba uma inhliziyo yethu isilahla, uNkulunkulu mkhulu kunayo, futhi Yena uyakwazi konke.
1 kaJohane 3:16-20 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Uthando silwazi ngalokho ukuthi yena wabeka ukuphila kwakhe ngenxa yethu; nathi sifanele ukubeka ukuphila ngenxa yabazalwane. Kepha yena onemfuyo yezwe, ebona umzalwane wakhe eswele, amvalele isihawu sakhe, uthando lukaNkulunkulu lungahlala kanjani kuye na? Bantwanyana, masingathandi ngezwi nangolimi, kodwa ngezenzo nangeqiniso. Ngalokho siyazi ukuthi singabeqiniso; sizakuyithulisa inhliziyo yethu phambi kwakhe ngokuthi uma inhliziyo yethu isilahla, uNkulunkulu mkhulu kunenhliziyo yethu, futhi uyazi konke.
1 kaJohane 3:16-20 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)