1 KwabaseKhorinte 9:23-26

1 KwabaseKhorinte 9:23-26 ZUL20

Ngikwenza konke ngenxa yevangeli, ukuze nami ngibe ngumhlanganyeli kulo. Anazi yini ukuthi abagijimayo bencintisana, bagijima bonke, kodwa munye othola umklomelo na? Gijimani kanjalo, ukuze niwuthole. Bonke abancintisanayo bayazithiba ezintweni zonke; labo bakwenza lokho ukuze bathole umqhele ophelayo, kodwa thina ukuba sithole umqhele ongapheliyo. Ngakho-ke mina ngiyagijima, kungekhona ukuthi kangiqondi; ngiyagadla, kungekhona ukuthi ngishaya umoya.