1 kwabaseKorinte 9:23-26
1 kwabaseKorinte 9:23-26 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngikwenza konke ngenxa yevangeli, ukuze nami ngibe ngumhlanganyeli kulona. Anazi yini ukuthi abagijima ngokuncintisana bagijima bonke, kepha munye owamukela umklomelo? Gijimani kanjalo, ukuze niwuthole. Bonke abancintisanayo bayazithiba ezintweni zonke; labo benza ukuze bathole umqhele ophelayo, kepha thina ukuze sithole ongapheliyo. Ngakho-ke mina ngiyagijima kungengokungathi kangiqondi; ngiyagadla kungengokungathi ngishaya umoya.
1 kwabaseKorinte 9:23-26 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Lokho ngikwenza ngenxa yevangeli, ukuze nami ngibe nomhlanganyeli kulo. Anazi yini ukuthi abagijima ngokuncintisana bagijima bonke, kepha munye owamukela umklomelo? Gijimani kanjalo, ukuze nizuze. Labo bonke abancintisayo bayazithiba ezintweni zonke. Manje bakwenzela ukuthola umqhele owonakalayo; kodwa thina esingaboliyo. Ngakho-ke mina ngigijima ngokunjalo, kungenjengokungaqondi; ngilwa kanjalo, kungenjengalowo oshaya umoya
1 kwabaseKorinte 9:23-26 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ngikwenza konke ngenxa yevangeli, ukuze nami ngibe ngumhlanganyeli kulo. Anazi yini ukuthi abagijimayo bencintisana, bagijima bonke, kodwa munye othola umklomelo na? Gijimani kanjalo, ukuze niwuthole. Bonke abancintisanayo bayazithiba ezintweni zonke; labo bakwenza lokho ukuze bathole umqhele ophelayo, kodwa thina ukuba sithole umqhele ongapheliyo. Ngakho-ke mina ngiyagijima, kungekhona ukuthi kangiqondi; ngiyagadla, kungekhona ukuthi ngishaya umoya.
1 kwabaseKorinte 9:23-26 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngikwenza konke ngenxa yevangeli, ukuze nami ngibe ngumhlanganyeli kulona. Anazi yini ukuthi abagijima ngokuncintisana bagijima bonke, kepha munye owamukela umklomelo? Gijimani kanjalo, ukuze niwuthole. Bonke abancintisanayo bayazithiba ezintweni zonke; labo benza ukuze bathole umqhele ophelayo, kepha thina ukuze sithole ongapheliyo. Ngakho-ke mina ngiyagijima kungengokungathi kangiqondi; ngiyagadla kungengokungathi ngishaya umoya.
1 kwabaseKorinte 9:23-26 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)