1 KwabaseKhorinte 15:35-58

1 KwabaseKhorinte 15:35-58 ZUL20

Kepha omunye uyakuthi: “Abafileyo bavuswa kanjani na? Bavuswa benomzimba onjani na?” Silima ndini, lokho okuhlwanyelayo akutholi ukuphila uma kungafanga. Lokho futhi okuhlwanyelayo awuhlwanyeli umzimba ozakuba khona, kodwa uhlwanyela uhlamvu oluze, noma ngabe ngolukakolo, noma ngolokunye. Kepha uNkulunkulu ulunika isimo salo ngokuthanda kwakhe, kube yileyo naleyo mbewu, owayo umzimba. Inyama yonke ayifani: kodwa kukhona eyabantu, eyezilwane, eyezinyoni neyezinhlanzi. Ikhona futhi nemizimba yasezulwini nemizimba yasemhlabeni, kodwa inkazimulo yemizimba yasezulwini iyodwa, neyasemhlabeni iyodwa. Iyodwa inkazimulo yelanga, iyodwa inkazimulo yenyanga, iyodwa nenkazimulo yezinkanyezi. Yebo, enye inkanyezi yahlukile kwenye inkanyezi ngokukhazimula. Kunjalo nokuvuka kwabafileyo. Kuhlwanyelwa kunokubola, kuvuswa kungenakubola; kuhlwanyelwa kunokudelwa, kuvuswa kunenkazimulo; kuhlwanyelwa kunobuthakathaka, kuvuswa kunamandla. Kuhlwanyelwa kungumzimba wemvelo, kuvuswa kungumzimba womoya. Uma ukhona umzimba wemvelo, ukhona nowomoya. Kulotshiwe futhi ukuthi umuntu wokuqala u-Adamu waba ngumuntu ophilayo. U-Adamu wokugcina waba ngumoya ophilisayo. Kepha akusikho okomoya kuqala, kodwa okwemvelo, bese kuba ngokomoya. Umuntu wokuqala wavela emhlabeni, enziwe ngomhlabathi; umuntu wesibili uvela ezulwini. Njengokuba enjalo umuntu ongowenhlabathi, banjalo nabangabenhlabathi; njengokuba enjalo umuntu wasezulwini, banjalo nabangabasezulwini. Njengalokhu futhi sinesimo songowenhlabathi, siyakuba futhi nesimo songawasezulwini. Bazalwane, ngisho lokhu ukuthi inyama negazi akuyukulidla ifa lombuso kaNkulunkulu, kanjalo nokubola akunakulidla ifa elingukungaboli. Manje senginitshela imfihlakalo; asiyukulala sonke, kodwa sonke siyakuguqulwa, ngomzuzwana nje, ngokuphazima kweso, ngecilongo lokugcina. Ngokuba kuyakukhala icilongo, abafileyo bavuswe bengenakubola, thina siguqulwe. Ngokuba okubolayo kumelwe ukwembatha ukungaboli, nalokhu okufayo kumelwe ukwembatha ukungafi. Kepha lapho okubolayo sekwembethe ukungaboli, nokufayo sekwembethe ukungafi, kuzakugcwaliseka izwi elilotshiweyo, elithi: “Ukufa kugingiwe kwaba ngukunqoba.” “Kufa, kuphi ukunqoba kwakho na? Kufa, luphi udosi lwakho na?” Udosi lokufa yisono; amandla esono ngumthetho. Kepha makabongwe uNkulunkulu osinika ukunqoba ngeNkosi yethu uJesu Khristu. Ngakho-ke bazalwane bami abathandekayo, yibani ngabagxilileyo, abangaxegiyo, abavame njalo emsebenzini weNkosi, nazi ukuthi ukusebenza kwenu akusilo ize eNkosini.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne 1 KwabaseKhorinte 15:35-58