1 KwabaseKhorinte 15:19-26

1 KwabaseKhorinte 15:19-26 ZUL20

Uma sithembela kuKhristu kulokhu kuphila kuphela, singabokudatshukelwa kunabantu bonke. Kodwa manje uKhristu uvusiwe kwabafileyo, uwulibo lwabaleleyo. Ngokuba lokhu, ukufa kweza ngomuntu, nokuvuka kwabafileyo nakho kweza ngomuntu. Njengalokhu ku-Adamu bonke bayafa, kanjalo-ke nakuKhristu bonke bayaphiliswa. Kepha yilowo nalowo ngokwesigaba sakhe: uKhristu kuqala, bese kuba ngabakaKhristu ekubuyeni kwakhe, andukuba kufike umhla wokuphela, lapho ebuyisela umbuso kuNkulunkulu uYise, esechithile bonke ababusi, bonke abasemagunyeni, nabanamandla. Ngokuba Yena umelwe ukuba abuse, aze azibeke phansi kwezinyawo zakhe zonke izitha zakhe. Isitha sokugcina esiyakubhujiswa ngukufa.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne 1 KwabaseKhorinte 15:19-26