1 KwabaseKhorinte 15:12-34

1 KwabaseKhorinte 15:12-34 ZUL20

Kepha-ke uma kushunyayelwa ukuthi uKhristu uvusiwe kwabafileyo, bakusho kanjani pho abanye phakathi kwenu ukuthi akukho ukuvuka kwabafileyo na? Uma kungekho ukuvuka kwabafileyo, noKhristu akavuswanga. Uma uKhristu engavuswanga kwabafileyo, ukushumayela kwethu kuyize, nokukholwa kwenu kuyize. Yebo, sifunyanwa singofakazi bamanga ngoNkulunkulu, ngokuba sifakaze ngoNkulunkulu ukuthi wamvusa uKhristu, angamvusanga uma kanti abafileyo bengavuswa. Ngokuba uma abafileyo bengavuswa, akavuswanga noKhristu. Kepha uma uKhristu engavuswanga, ukukholwa kwenu akusizi lutho, nisesezonweni zenu. Yebo, nalabo asebalala bekuKhristu babhubhile. Uma sithembela kuKhristu kulokhu kuphila kuphela, singabokudatshukelwa kunabantu bonke. Kodwa manje uKhristu uvusiwe kwabafileyo, uwulibo lwabaleleyo. Ngokuba lokhu, ukufa kweza ngomuntu, nokuvuka kwabafileyo nakho kweza ngomuntu. Njengalokhu ku-Adamu bonke bayafa, kanjalo-ke nakuKhristu bonke bayaphiliswa. Kepha yilowo nalowo ngokwesigaba sakhe: uKhristu kuqala, bese kuba ngabakaKhristu ekubuyeni kwakhe, andukuba kufike umhla wokuphela, lapho ebuyisela umbuso kuNkulunkulu uYise, esechithile bonke ababusi, bonke abasemagunyeni, nabanamandla. Ngokuba Yena umelwe ukuba abuse, aze azibeke phansi kwezinyawo zakhe zonke izitha zakhe. Isitha sokugcina esiyakubhujiswa ngukufa. Ngokuba zonke izinto zithotshisiwe zaba phansi kwezinyawo zakhe. Nxa ethi: “Izinto zonke zithotshisiwe phansi kwakhe,” kusobala ukuthi yena ozithobisileyo zonke izinto, akahlangene nazo. Kepha lapho zonke izinto sezithotshiselwe phansi kwakhe, nayo-ke iNdodana uqobo lwayo iyakuzithoba phansi kwalowo owathobisa zonke izinto phansi kwayo, ukuze uNkulunkulu abe yikho konke, kukho konke. Pho bayokwenzenjani labo ababhabhadiselwa abafileyo na? Uma impela abafileyo bengavuswa, babhabhadiselwani ngenxa yabo na? Thina-ke sizibekelani engcupheni umzuzu nomzuzu na? Bazalwane, ngiyaqinisa ukuthi mina ngifa imihla ngemihla ngenxa yokubongwa enginakho ngani kuKhristu uJesu iNkosi yethu. Uma njengomuntu ngalwa nezilo e-Efesu, pho nginanzuzoni ngalokho na? Uma abafileyo bengavuswa, masidle, siphuze, ngokuba ngomuso sizakufa. Ningakhohliswa; ukujwayelana nababi konakalisa ukuziphatha okuhle. Phaphamani, niziphathe kahle, yekani ukona, ngokuba abanye kabamazi uNkulunkulu; lokhu ngikusho ukuze nibe namahloni.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne 1 KwabaseKhorinte 15:12-34